UNumeri 9:22 - IsiZulu 2020 Noma lalihleli phezu kwethabanakeli izinsuku ezimbili, noma inyanga, noma isikhathi esingakanani, abakwa-Israyeli babehlala enkanjini bangaqhubeki nohambo, kodwa kwakuthi lapho liphakanyiswa, bahambe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Noma kwakuyizinsuku ezimbili, noma inyanga, noma isikhathi esingakanani ifu lisahlezi phezu kwetabernakele, abantwana bakwa-Israyeli bahlala ekamu,* abahambanga; kepha lapho lenyuswa, bahamba. Contemporary Zulu Bible 2024 Noma ifu lalihlala phezu kwetabernakele izinsuku ezimbili, noma inyanga, noma unyaka, abantwana bakwa-Israyeli bahlala ematendeni abo, abasukanga; kodwa kwathi selinyuswa basuka. |
Ngifundise ukwenza intando yakho, ngokuba Wena unguNkulunkulu wami, uMoya wakho omuhle mawungihole emhlabathini ohlelembekile.
Ngizokubonisa, futhi ngikufundise indlela ozohamba ngayo; ngizobeka iso lami kuwe, ngikweluleke.
ukuthi impela lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu waphakade naphakade. Uzosihola kuze kube sekufeni.
Abantu bakwa-Israyeli bawenza wonke umsebenzi njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
UMose no-Aroni nayo yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli, benza kubaLevi njengakho konke uSimakade ayeyale ngakho uMose ngabaLevi; abantu bakwa-Israyeli benza kanjalo-ke.
Noma yinini lapho ifu liphakama ethendeni, abakwa-Israyeli babehamba, kuthi lapho ifu lima khona, nabo bakanise lapho.
Kokunye ifu lalihlala ubusuku nje obubodwa kuze kube sekuseni; kuthi uma liphakanyiswa ekuseni, bahambe. Noma ngabe ifu lalingahlala ubusuku nemini, kwakuthi uma lenyuswa baqhubeke nohambo.
Kwathi esahleli nabo, wabayala ukuba bangamuki eJerusalema, kodwa balindele isithembiso sikaYise abasizwe ngaye.