Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 9:22 - Contemporary Zulu Bible 2024

22 Noma ifu lalihlala phezu kwetabernakele izinsuku ezimbili, noma inyanga, noma unyaka, abantwana bakwa-Israyeli bahlala ematendeni abo, abasukanga; kodwa kwathi selinyuswa basuka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Noma kwakuyizinsuku ezimbili, noma inyanga, noma isikhathi esingakanani ifu lisahlezi phezu kwetabernakele, abantwana bakwa-Israyeli bahlala ekamu,* abahambanga; kepha lapho lenyuswa, bahamba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

22 Noma lalihleli phezu kwethabanakeli izinsuku ezimbili, noma inyanga, noma isikhathi esingakanani, abakwa-Israyeli babehlala enkanjini bangaqhubeki nohambo, kodwa kwakuthi lapho liphakanyiswa, bahambe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 9:22
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wabahola ngendlela eqondileyo, ukuze baye emzini wokuhlala.


Ngifundise ukwenza intando yakho; ngoba wena unguNkulunkulu wami. Umoya wakho muhle; ngiholele ezweni lobuqotho.


Ngizakufundisa ngikufundise indlela okumele uhambe ngayo: ngizakuqondisa ngeso lami.


Ngoba lo Nkulunkulu unguNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade: uyosiholela ekufeni.


Uyakungihola ngesiluleko sakho, ungamukele kamuva enkazimulweni.


Wahola abantu bakho njengomhlambi ngesandla sikaMose no-Aroni.


Njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose, abantwana bakwa-Israyeli bawenza wonke umsebenzi.


UMose wenza-ke; njengalokho uJehova emyalile, wenze njalo.


Abantwana bakwa-Israyeli benza-ke njengalokho uJehova emyalile uMose, benze njalo-ke.


OMose no-Aroni nayo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli benza kumaLevi, njengalokho uJehova emyalile uMose ngamaLevi, benze njalo abantwana bakwa-Israyeli kuwo.


Lapho ifu lisuka etabernakele, abantwana bakwa-Israyeli basuka emva kwalo; endaweni lapho ifu lihlala khona, abantwana bakwa-Israyeli bamisa khona amatende abo.


Kwathi lapho ifu lihlezi kusukela kusihlwa kuze kube sekuseni, nefu liphakama ekuseni, basuka; noma kwakusemini noma ebusuku ukuthi ifu lenyuka, bahamba.


Kwathi esebuthene labo, wabalaya ukuthi bangasuki eJerusalema, kodwa balindele isithembiso sikaBaba, elasizwa ngami.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka