Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 9:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Noma kwakuyizinsuku ezimbili, noma inyanga, noma isikhathi esingakanani ifu lisahlezi phezu kwetabernakele, abantwana bakwa-Israyeli bahlala ekamu,* abahambanga; kepha lapho lenyuswa, bahamba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

22 Noma lalihleli phezu kwethabanakeli izinsuku ezimbili, noma inyanga, noma isikhathi esingakanani, abakwa-Israyeli babehlala enkanjini bangaqhubeki nohambo, kodwa kwakuthi lapho liphakanyiswa, bahambe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Noma ifu lalihlala phezu kwetabernakele izinsuku ezimbili, noma inyanga, noma unyaka, abantwana bakwa-Israyeli bahlala ematendeni abo, abasukanga; kodwa kwathi selinyuswa basuka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 9:22
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wabahola ngendlela elungileyo ukuba baye emzini wokuhlala.


Ngifundise ukwenza intando yakho, ngokuba wena unguNkulunkulu wami; umoya wakho omuhle mawungihole emhlabathini olelezekileyo.


Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo; ngizakukululeka ngeso lami.


Ngokuba lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu phakade naphakade; uzakusihola kuze kube sekufeni.


Uyakungihola ngesiluleko sakho, andukuba ungamukele enkazimulweni.


Wahola abantu bakho njengezimvu ngesandla sikaMose no-Aroni.


Njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose, benze njalo abantwana bakwa-Israyeli wonke umsebenzi.


Wenze njalo uMose; njengakho konke uJehova amyale ngakho, wenze njalo-ke.


Abantwana bakwa-Israyeli benze njalo; benza kukho konke njengalokho uJehova emyalile uMose.


Benze njalo-ke oMose no-Aroni nayo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli kumaLevi; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose ngamaLevi, benze njalo kuwo abantwana bakwa-Israyeli.


Nalapho ifu lenyuswa etendeni, base behamba abantwana bakwa-Israyeli, nasendaweni lapho ifu lalima khona, lapho abantwana bakwa-Israyeli bamisa khona.


Nangesinye isikhathi ifu lahlala kusihlwa kwaze kwaba sekuseni; nalapho ifu lenyuswa ekuseni, bahamba; noma lahlala ubusuku nemini, bahamba lapho ifu lenyuswa.


kwathi ehlangene nabo, wabayala ngokuthi: “Ningamuki eJerusalema, kodwa nihlalele isithembiso sikaYise enasizwa ngami.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka