Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 107:7 - IsiZulu 2020

7 Wabahola ngendlela eqondileyo ukuze baye emzini ababezohlala kuwo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Wabahola ngendlela elungileyo ukuba baye emzini wokuhlala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Wabahola ngendlela eqondileyo, ukuze baye emzini wokuhlala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 107:7
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nazi izinhloko zezifundazwe ezazihlala eJerusalema, kodwa emizini yakwaJuda bonke babehlala ezindaweni zabo: abakwa-Israyeli, abaphristi, abaLevi, izisebenzi zasethempelini, nabozalo lwezinceku zikaSolomoni.


Wabahlalisa khona abalambileyo, bakha khona umuzi, bahlala kuwo.


Bazulazula ehlane, abaze bayithola indlela yokuya emzini ababezohlala kuwo.


owahola abantu bakhe ehlane, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Abantu bakho wabahola njengezimvu ngesandla sikaMose no-Aroni.


Kepha abantu bakhe wabakhipha njengezimvu, njengomhlambi wabahola ehlane.


nakuba niphambukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, izindlebe zenu ziyakuzwa izwi emva kwenu, lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo.”


Abantu bami bayakuhlala emathendeni okuthula, asezindlini eziphephileyo, nasezindaweni zokuphumula ezinokuthula.


Usho kanje uSimakade uMhlengi wakho oNgcwele ka-Israyeli, uthi: “NginguSimakade uNkulunkulu wakho okufundise okukusizayo, nokuholile ngendlela okumele uhambe ngayo.


UJuda nayo yonke imizi yakhe bayakuhlala kulo ndawonye, abalimi baphume nemihlambi.


Bayakuza bekhala, bekhuleka; lapho ngibabuyisa, ngiyakubaholela emifuleni yamanzi, ngendlela eqondileyo abangayukukhubeka kuyo, ngokuba nginguyise ka-Israyeli, no-Efrayimi uyizibulo lami.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Yimani ezindleleni, nibone, nibuze ngemikhondo yasemandulo ukuthi ikuphi indlela enhle, nihambe kuyo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu, kepha, bathi: ‘Asiyukuhamba kuyo.’


Noma lalihleli phezu kwethabanakeli izinsuku ezimbili, noma inyanga, noma isikhathi esingakanani, abakwa-Israyeli babehlala enkanjini bangaqhubeki nohambo, kodwa kwakuthi lapho liphakanyiswa, bahambe.


Kepha manje balangazelela lelo elihle kunalelo, okungukuthi elasezulwini. Ngakho uNkulunkulu akanamahloni ngabo ukuba abizwe ngoNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.


Kepha nize entabeni iZiyoni nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, izigidigidi zezingelosi embuthanweni womkhosi,


Bashiye indlela eqondileyo, baduka, balandela indlela kaBhalamu indodana kaBheyori owayethanda umvuzo ongalungile.


Ngokuba kwakungcono kubo ukuthi kabazange bayazi indlela yokulunga kunokuba bathi sebeyazi baphenduke bafulathele umyalo ongcwele ababewunikiwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka