Base bebuyela emuva, bafika e-Eni Mishiphathi okuyiKadeshi, balinqoba lonke izwe lama-Amaleki, nama-Amori ayakhe eHazezoni Thamari.
UNumeri 20:1 - IsiZulu 2020 Ngenyanga yokuqala, yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli yafika ehlane iSini. Abantu bahlala eKadeshi, uMiriyamu wafela khona, wangcwatshwa khona futhi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwa-Israyeli, yonke inhlangano, bafika ehlane laseSini ngenyanga yokuqala; abantu bahlala eKadeshi; uMiriyamu wafela khona, wembelwa khona futhi. Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yonke, bafika ehlane laseSini ngenyanga yokuqala; abantu bahlala eKadeshi; uMiriyamu wafela khona, wembelwa khona. |
Base bebuyela emuva, bafika e-Eni Mishiphathi okuyiKadeshi, balinqoba lonke izwe lama-Amaleki, nama-Amori ayakhe eHazezoni Thamari.
Izwi likaSimakade lizamazamisa ihlane, uSimakade unyakazisa ihlane; uSimakade unyakazisa ihlane eKadeshi.
Kwase kusuka uMiriyamu umphrofethikazi, udadewabo ka-Aroni, wathatha ithamborini ngesandla sakhe; waphuma nabo bonke abesifazane emva kwakhe, bephethe amathamborini, besina.
Udadewabo wathi endodakazini kaFaro: “Ngihambe yini ngiyokulandela umzanyana kwabesifazane bamaHebheru ukuba akuncelisele yona na?”
“Uhlangothi oluseningizimu: Eningizimu luyakusukela eThamari luze lufike emanzini eMeribhathi Kadeshi, ngasemfudlaneni ongasoLwandle Olukhulu. Lolu-ke wuhlangothi oluseningizimu, ngaseningizimu.
Nganikhuphula eGibhithe, nganihlenga endlini yezigqila, ngathumela uMose, u-Aroni noMiriyamu ukuba banihole.
UMiriyamu no-Aroni bamelena noMose ngenxa yowesifazane waseKhushe ayemthathile. Nembala wayeganwe ngowesifazane waseKhushe.
Ifu laphakama phezu kwethende. Bheka, uMiriyamu wayesenochoko, emhlophe njengeqhwa. U-Aroni waphendukela ngakuMiriyamu, wabona ukuthi usenochoko.
UMiriyamu wavalelwa ngaphandle kwenkambu izinsuku eziyisikhombisa. Abantu abazange bahambe, waze wabuyiswa uMiriyamu.
Bahamba-ke, balihlola izwe kusukela ehlane iSini kuze kube seRehobhe ngasekungeneni eHamathi.
Bahamba, bafika kuMose no-Aroni nalo lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli ehlane iPharanu, eKadeshi. Bethula umbiko ngababekubonile, babakhombisa nezithelo zalelo lizwe.
Sakhala kuSimakade, walizwa izwi lethu, wathuma ingelosi, wasikhipha eGibhithe; bheka manje silapha eKadeshi, umuzi osemngceleni wezwe lakho.
UMose wamkhumula u-Aroni izembatho zakhe, wazigqokisa u-Eleyazare, indodana yakhe. U-Aroni wafela khona lapho esiqongweni sentaba; oMose no-Eleyazare behla entabeni.
Igama lomka-Amramu nguJokhebhedi, indodakazi kaLevi ayizalela eGibhithe; wazalela u-Amramu u-Aroni, uMose noMiriyamu udadewabo.
Okwathi phela, lapho inhlangano ingihlubuka ehlane iSini imelana nami, nani nangangihlonipha, nangabukhombisa ubungcwele bami phambi kwayo ngasemanzini.” Lawo ngamanzi eMeribha eseKadeshi ehlane iSini.
“Izinsuku esazihamba sisuka eKadeshi Bharineya size siyowela umfula iZeredi kwaba yiminyaka engama-38, saze saphela sonke leso sizukulwane samabutho empi phakathi kwenkambu, njengalokho uSimakade ayefungile.
ngokuba naphambuka phambi kwabantu bakwa-Israyeli namelana nami ngasemanzini eMeribha eKadeshi, ehlane iZini, lokhu ningangingcwelisanga phambi kwabakwa-Israyeli.
kodwa lapho benyuka bevela eGibhithe, abakwa-Israyeli badabula ihlane baya oLwandle Lomhlanga, baze bafika eKadeshi.