Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 12:10 - IsiZulu 2020

10 Ifu laphakama phezu kwethende. Bheka, uMiriyamu wayesenochoko, emhlophe njengeqhwa. U-Aroni waphendukela ngakuMiriyamu, wabona ukuthi usenochoko.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ifu lasuka phezu kwetende; bheka, uMiriyamu wayesenochoko, enjengeqhwa; u-Aroni wambheka uMiriyamu; bheka, wayenochoko.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ifu lasuka etabernakele; bheka, uMiriyamu waba nochoko, emhlophe njengeqhwa; u-Aroni wambheka uMiriyamu, bheka, wayenochoko;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 12:10
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimakade wayishaya ngesifo sochoko inkosi kwaze kwaba sekukhothameni kwayo; yayihlala endlini eqhelile kwezinye. UJothamu, indodana yenkosi, wayengamele umuzi, ehlulela abantu bezwe.


Uchoko lukaNahamani luyakunamathela kuwe nasozalweni lwakho kuze kube phakade.” Wayesephuma phambi kwakhe enochoko, esemhlophe njengeqhwa.


Kwakukhona esikhaleni sesango abantu abane abanochoko; bathi omunye komunye: “Sihlaleleni lapha sizoze sife na?


USimakade wabuye wathi kuye: “Faka isandla esifubeni sakho.” Wasifaka. Lapho esikhipha, mameshane, isandla sakhe sabe sesinochoko, simhlophe njengeqhwa.


Noma bangakhulisa izingane zabo, kodwa ngiyakubephuca zona zonke. Maye impela kubo, lapho ngibafulathela!


“Yala abantu bakwa-Israyeli ukuba babakhiphe enkanjini bonke abanochoko, nabo bonke abamfimfayo, nabangcoliswe wukuthinta abafileyo.


“Kepha iNkosi iyakuthi kwabangakwesokhohlo sayo: ‘Dedani kimi, nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


Khumbula lokho uSimakade uNkulunkulu wakho akwenza kuMiriyamu endleleni lapho niphuma eGibhithe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka