UNumeri 12 - IsiZulu 2020UMiriyamu No-Aroni Bamelana NoMose Ukujeziswa KukaMiriyamu 1 UMiriyamu no-Aroni bamelena noMose ngenxa yowesifazane waseKhushe ayemthathile. Nembala wayeganwe ngowesifazane waseKhushe. 2 Bathi: “Ngabe uSimakade ukhuluma ngoMose kuphela na? Akakhulumile yini nangathi na?” USimakade wakuzwa lokho. 3 Kepha uMose wayengumuntu omnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba. 4 Ngokushesha uSimakade wakhuluma noMose no-Aroni noMiriyamu, wathi: “Wozani nobathathu ethendeni lokuhlangana.” Bahamba bobathathu. 5 USimakade wehla ngensika yefu, wema ngasemnyango wethende, wabiza u-Aroni noMiriyamu; baphuma bobabili baya kuye. 6 Wayesethi: “Yizwani manje amazwi ami: uma kukhona umphrofethi phakathi kwenu, Mina Simakade ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume naye ngephupho. 7 Kodwa akunjalo ngenceku yami uMose; uthembekile kuyo yonke indlu yami. 8 Yena, ngikhuluma ngokusobala umlomo nomlomo, hhayi ngombono noma ngamazwi ayimfumbe, futhi uyasibona isimo sikaSimakade. Kungani ningesabanga ukukhuluma ngenceku yami uMose na?” 9 Intukuthelo kaSimakade yabavuthela; wayesehamba. 10 Ifu laphakama phezu kwethende. Bheka, uMiriyamu wayesenochoko, emhlophe njengeqhwa. U-Aroni waphendukela ngakuMiriyamu, wabona ukuthi usenochoko. 11 U-Aroni wathi kuMose: “O Nkosi, ngixolele, ngiyakuncenga, ungabeki phezu kwethu isono esisenze ngobuwula. 12 Ngiyakuncenga, makangabi njengophume esibelethweni sikanina esefile, nesidumbu sakhe sidliwe ingxenye yaso.” 13 UMose wakhala kuSimakade, wathi: “Nkulunkulu, ngiyakuncenga, mphulukise!” 14 USimakade wathi kuMose: “Uma uyise ebemkhafulele ngamathe ebusweni, ubengelithwale yini ihlazo lakhe izinsuku eziyisikhombisa na? Makavalelwe ngaphandle kwenkambu izinsuku eziyisikhombisa; emveni kwalokho uyakubuye angeniswe.” 15 UMiriyamu wavalelwa ngaphandle kwenkambu izinsuku eziyisikhombisa. Abantu abazange bahambe, waze wabuyiswa uMiriyamu. 16 Emveni kwalokho abantu basuka eHazerothi bakanisa ehlane iPharanu. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa