Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 20:16 - IsiZulu 2020

16 Sakhala kuSimakade, walizwa izwi lethu, wathuma ingelosi, wasikhipha eGibhithe; bheka manje silapha eKadeshi, umuzi osemngceleni wezwe lakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 lapho sakhala kuJehova, walizwa izwi lethu, wathuma ingelosi, wasikhipha eGibithe; bheka sesiseKadeshi, umuzi oseceleni komkhawulo wakho;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kwathi lapho simbiza uJehova, walizwa izwi lethu, wathuma ingelosi, yasikhipha eGibithe; bheka, siseKadeshi, umuzi osekugcineni komkhawulo wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 20:16
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi lapho uFaro esesondela, abantu bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo abo bababona abaseGibhithe bebalandela, besaba kakhulu abantu bakwa-Israyeli, base bekhala kuSimakade.


Ingelosi kaNkulunkulu eyayihamba phambi kwempi yabakwa-Israyeli yasuka yaya ngemuva kwabo; nensika yefu eyayihamba phambi kwabo yasuka yaba ngemuva kwabo.


“Bheka, ngizothumela ingelosi ikwandulele ukuze ikuvikele ohambeni, futhi ikufinyelelise endaweni engiyilungisileyo.


Ngizothuma ingelosi phambi kwakho, ngiwaxoshe amaKhanani, ama-Amori, amaHithi, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi.


Ngikuzwile futhi ukububula kwabantu bakwa-Israyeli abenziwe izigqila ngabaseGibhithe, ngase ngisikhumbula isivumelwano sami.


UNkulunkulu wami uthumele ingelosi yakhe, yavala imilomo yezingonyama, azingilimazanga, ngokuba kwatholakala ukuthi ngimsulwa phambi kwakhe; naphambi kwakho, nkosi, angikwenzanga okubi.”


ukuthi okhokho bethu behlela eGibhithe, sahlala eGibhithe isikhathi eside; abaseGibhithe basiphatha kabi thina nokhokho bethu.


“Ake usivumele sidabule ezweni lakho; asiyukuchezukela emasimini noma ezivinini, futhi asiyukuphuza manzi emithonjeni yakho. Siyakuhamba ngomgwaqo wenkosi, size siphume emngceleni wezwe lakho.”


Basuka eKadeshi, bakanisa entabeni iHori ngasemngceleni wakwa-Edomi.


Ukhona yini unkulunkulu owake walinga ukuza azithathele isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, ngezibonakaliso, ngezimangaliso, ngempi, ngesandla esinamandla, ngengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uSimakade uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibhithe, nizibonela ngawenu, na?


Ngenxa yokuba ebathanda okhokho bakho, wazikhetha izizukulwane zabo emva kwakho; wakukhipha Yena uqobo eGibhithe ngamandla akhe amakhulu,


Isabelo sesizwana sabozalo lukaJuda ngokwemindeni yabo sasifinyelela ngaseningizimu emngceleni kwa-Edomi, kuyofika ehlane iZini ekupheleni kweningizimu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka