Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 20:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Abantwana bakwa-Israyeli, yonke inhlangano, bafika ehlane laseSini ngenyanga yokuqala; abantu bahlala eKadeshi; uMiriyamu wafela khona, wembelwa khona futhi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Ngenyanga yokuqala, yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli yafika ehlane iSini. Abantu bahlala eKadeshi, uMiriyamu wafela khona, wangcwatshwa khona futhi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yonke, bafika ehlane laseSini ngenyanga yokuqala; abantu bahlala eKadeshi; uMiriyamu wafela khona, wembelwa khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 20:1
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Base bebuyela emuva, beza e-Eni Mishipati eliyiKadeshi, bachitha izwe lonke lama-Amaleki nelama-Amori ayehlala eHasasoni Tamari.


Izwi likaJehova lizamazamisa ihlane; uJehova uzamazamisa ihlane laseKadeshi.


UMiriyamu umprofethikazi, udadewabo ka-Aroni, waphatha isigubhu ngesandla sakhe; bonke abesifazane baphuma emva kwakhe bephethe izigubhu, besina.


Udadewabo wayemi kudana, ukuze azi ukuthi kuyakwenziwani kuye.


Udadewabo wayesethi kuyo indodakazi kaFaro: “Ngihambe ngikubizele umzanyana kuwo amaHeberu ukuba akuncelisele ingane na?”


“Uhlangothi lwaseningizimu ngaseningizimu luyakusukela eTamari, luze lube semanzini aseMeribati Kadeshi nasemfudlaneni ngaseLwandle Olukhulu. Lolu luluhlangothi lwaseningizimu ngaseningizimu.


Nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihlenga endlini yezigqila, ngathuma phambi kwenu oMose, no-Aroni, noMiriyamu.


OMiriyamu no-Aroni bakhuluma bemelene noMose ngenxa yowesifazane wakwaKushe amthathile; ngokube wayethathile owesifazane wakwaKushe.


Ifu lasuka phezu kwetende; bheka, uMiriyamu wayesenochoko, enjengeqhwa; u-Aroni wambheka uMiriyamu; bheka, wayenochoko.


UMiriyamu wavalelwa ngaphandle kwekamu* izinsuku eziyisikhombisa; abantu abahambanga, waze wabuyiswa uMiriyamu.


Base behamba-ke, bahlola izwe kusukela ehlane laseSini kuze kube seRehobe ekuyeni ngaseHamati.


Baya bafika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi, babuyisela izwi kubo nakuyo yonke inhlangano, bababonisa izithelo zezwe.


lapho sakhala kuJehova, walizwa izwi lethu, wathuma ingelosi, wasikhipha eGibithe; bheka sesiseKadeshi, umuzi oseceleni komkhawulo wakho;


Basuka eKadeshi; abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yonke, bafika entabeni yaseHori.


UMose wamkhumula u-Aroni izambatho zakhe, wazifaka ku-Eleyazare indodana yakhe; u-Aroni wafela khona esiqongweni sentaba; oMose no-Eleyazare behla entabeni.


Igama lomka-Amramu lalinguJokebedi indodakazi kaLevi, owazalelwa uLevi eGibithe; wazalela u-Amramu o-Aroni noMose noMiriyamu udadewabo.


ngokuba ehlane laseSini ekulweni kwenhlangano nahlubuka ezwini lami lokungingcwelisa ngasemanzini phambi kwamehlo abo.” Lawa angamanzi aseMeriba laseKadeshi ehlane laseSini.


Basuka e-Esiyoni Geberi, bamisa ehlane laseSini eliyiKadeshi.


Nase nihlala eKadeshi izinsuku eziningi njengezinsuku enazihlala khona.


“Izinsuku esahamba ngazo sisuka eKadeshi Barineya saze sawela umfula iZeredi zaziyiminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili, kwaze kwaphela isizukulwane samadoda empi phakathi kwekamu,* njengalokho uJehova afunga kuwo.


ngokuba naphambuka kimi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli ngasemanzini aseMeriba laseKadeshi ehlane laseSini, lokhu ningangingcwelisanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.


Ngokuba ekukhuphukeni kwabo eGibithe, u-Israyeli ehamba ehlane waze wafika eLwandle Olubomvu, wafika naseKadeshi,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka