Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 20:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yonke, bafika ehlane laseSini ngenyanga yokuqala; abantu bahlala eKadeshi; uMiriyamu wafela khona, wembelwa khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Abantwana bakwa-Israyeli, yonke inhlangano, bafika ehlane laseSini ngenyanga yokuqala; abantu bahlala eKadeshi; uMiriyamu wafela khona, wembelwa khona futhi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Ngenyanga yokuqala, yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli yafika ehlane iSini. Abantu bahlala eKadeshi, uMiriyamu wafela khona, wangcwatshwa khona futhi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 20:1
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Base bebuya, bafika e-Enimishipati eyiKadeshi, balichitha lonke izwe lama-Amaleki, nama-Amori ayehlala eHasoni-Tamari.


Izwi likaJehova lizamazamisa ugwadule; uJehova uzamazamisa ihlane laseKadeshi.


UMiriyamu umprofethikazi, udadewabo ka-Aroni, waphatha isigubhu ngesandla sakhe; bonke abesifazane baphuma bamlandela bephethe izigubhu nokusina.


Udadewabo wema khatshana ukuze azi okuzakwenziwa kuye.


Wayesethi udadewabo endodakazini kaFaro: “Ngihambe ngikubizele umzanyana phakathi kwabesifazane bamaHebheru ukuba akuncelisele umntwana na?”


Uhlangothi lwaseningizimu ngaseningizimu, lusukela eTamari, luye emanzini eMeribha eKadeshi, nomfula, kuze kube seLwandle Olukhulu. Lolu yilo uhlangothi lwaseningizimu ngaseningizimu.


Ngokuba nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihlenga endlini yobugqila; ngathuma oMose, no-Aroni, noMiriyamu phambi kwenu.


OMiriyamu no-Aroni bakhuluma bemelene noMose ngenxa yowesifazane wakwaKushe amthathile, ngokuba wayethathile owesifazane wakwaKushe.


Ifu lasuka etabernakele; bheka, uMiriyamu waba nochoko, emhlophe njengeqhwa; u-Aroni wambheka uMiriyamu, bheka, wayenochoko;


UMiriyamu wavalelwa ngaphandle kwekamu izinsuku eziyisikhombisa; abantu abahambanga waze wabuyiswa uMiriyamu.


Base benyuka, balihlola izwe kusukela ehlane laseSini kuze kube seRehobe, lapho abantu befika eHamati.


Ahamba afika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi; wababikela kanye nebandla lonke, wabazisa izithelo zezwe.


Kwathi lapho simbiza uJehova, walizwa izwi lethu, wathuma ingelosi, yasikhipha eGibithe; bheka, siseKadeshi, umuzi osekugcineni komkhawulo wakho.


Abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yonke, basuka eKadeshi, bafika entabeni yaseHori.


UMose wakhumula izingubo zika-Aroni, wazifaka ku-Eleyazare indodana yakhe; u-Aroni wafela khona esiqongweni sentaba; oMose no-Eleyazare behla entabeni.


Igama lomka-Amramu lalinguJogebede, indodakazi kaLevi, unina wamzalela uLevi eGibithe; wazala u-Amramu o-Aroni, noMose, noMiriyam udadewabo.


Ngokuba nahlubuka emyalezweni wami ehlane laseSini, ekulweni kwebandla, ukungingcwelisa emanzini phambi kwamehlo abo; lawo angamanzi aseMeriba eKadeshi ehlane laseSini.


Basuka e-Esiyoni Geberi, bamisa ehlane laseZini eliyiKadeshi.


Nahlala izinsuku eziningi eKadeshi njengezinsuku enazihlala khona;


Isikhathi esahamba ngaso sisuka eKadeshi-bharineya saze sawela umfudlana iSeredi, sasiyiminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili; saze saqedwa sonke isizukulwane samadoda okulwa phakathi kwempi, njengokukhuluma kukaJehova kubo ngesifungo.


Ngokuba naphambuka kimi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli emanzini aseMeriba-Kadeshi ehlane laseSini; ngoba aningingcwelisanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.


Kodwa lapho u-Israyeli ekhuphuka ephuma eGibhithe, wadabula ihlane waze wafika eLwandle LwaseShelefu, wafika eKadeshi;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka