“Konke ngikunikwe nguBaba. Akekho owazi iNdodana, kuphela uYise, futhi akekho owazi uYise, kuphela iNdodana, nalowo iNdodana ethanda ukumambulela.
Johane 13:3 - IsiZulu 2020 UJesu wayekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe, nokuthi Yena wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE uJesu ekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe nokuthi wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuNkulunkulu, Baasraak Zulu New Testament Bible UJesu ekwazi ukuthi uYise unikele zonke izinto esandleni sakhe, lokuthi uvela kuNkulunkulu, njalo uye kuNkulunkulu; Contemporary Zulu Bible 2024 UJesu ekwazi ukuthi uYise unikele zonke izinto esandleni sakhe, lokuthi uvela kuNkulunkulu, njalo uye kuNkulunkulu; |
“Konke ngikunikwe nguBaba. Akekho owazi iNdodana, kuphela uYise, futhi akekho owazi uYise, kuphela iNdodana, nalowo iNdodana ethanda ukumambulela.
UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla wonke ezulwini nasemhlabeni.
Konke kunikelwe kimi nguBaba; akekho owaziyo ukuthi iNdodana ingubani, kuphela uYise, nokuthi uYise ungubani, kuphela iNdodana, nalowo iNdodana ethanda ukumembulela yena.”
Akekho osewake wabona uNkulunkulu; nguNkulunkulu, iNdodana ezelwe yodwa, esesifubeni sikaYise embonakalisile.
Kwathi sekuzakuba nguMkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi sesifikile isikhathi sakhe sokuba amuke kulo mhlaba aye kuYise, kepha wayebathandile abangabakhe abasemhlabeni kwaze kwaba sekugcineni.
Njengokuba uyiphe amandla phezu kwabantu bonke, ukuze bonke oyiphe bona, ibaphe ukuphila okuphakade.
Akekho noyedwa owenyukele ezulwini, ngaphandle kwalowo owehla ezulwini, iNdodana yomuntu.
Ngakho-ke uJesu wathi: “Kusazokuba yisikhashana nginani, bese ngibuyela kulowo ongithumileyo.
UJesu waphendula, wathi kubo: “Ngisho noma ngizifakazela Mina, ubufakazi bami buyiqiniso, ngokuba ngiyazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi. Nina anazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi.
UJesu wathi kubo: “Uma uNkulunkulu ubenguYihlo, beniyakungithanda Mina, ngokuba ngivela kuNkulunkulu. Angizizelanga ngokwami, kodwa nguye ongithumileyo.
“Ngakho-ke yonke indlu yakwa-Israyeli mayazi ngokweqiniso ukuthi nguNkulunkulu omenzile iNkosi noKhristu lo Jesu enambethela nina esiphambanweni.”
Ngokuba zonke izinto zithotshisiwe zaba phansi kwezinyawo zakhe. Nxa ethi: “Izinto zonke zithotshisiwe phansi kwakhe,” kusobala ukuthi yena ozithobisileyo zonke izinto, akahlangene nazo.
Ekugcineni kwale mihla, ukhulume kithi ngeNdodana ayimise ukuba ibe yindlalifa yakho konke, futhi owadala ngayo izwe.