Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 17:2 - IsiZulu 2020

2 Njengokuba uyiphe amandla phezu kwabantu bonke, ukuze bonke oyiphe bona, ibaphe ukuphila okuphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 njengalokho uyiphile amandla phezu kwenyama yonke ukuba bonke oyiphe bona ibaphe ukuphila okuphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 njengalokhu uyiphile amandla phezu kwenyama yonke, ukuze bonke omnike yona, ibaphe ukuphila okuphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 njengalokhu uyiphile amandla phezu kwenyama yonke, ukuze bonke omnike yona, ibaphe ukuphila okuphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 17:2
31 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimakade wathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.”


Wanikwa ukubusa, ubukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, izizwe, nezilimi bamkhonze; ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade okungayukuphela, nombuso wakhe yiwo ongayukubhujiswa.


“Konke ngikunikwe nguBaba. Akekho owazi iNdodana, kuphela uYise, futhi akekho owazi uYise, kuphela iNdodana, nalowo iNdodana ethanda ukumambulela.


“Labo-ke bayakuhamba, baye ekujezisweni okuphakade; kodwa abalungileyo, bayakuya ekuphileni okuphakade.”


UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla wonke ezulwini nasemhlabeni.


“Baba, ngithanda ukuba labo ongiphe bonababe nami lapho ngikhona, ukuze bayibone inkazimulo yami ongiphe yona, ngokuba wangithanda umhlaba ungakasekelwa.


“Ngilibonakalisile igama lakho kubantu ongiphe bona kwabasemhlabeni. Babengabakho, wangipha bona; baligcinile izwi lakho.


Ngiyabakhulekela; angikhulekeli umhlaba, kodwa kuphela labo ongiphe bona, ngokuba bangabakho.


UYise uyayithanda iNdodana, ngakho-ke unikele konke ezandleni zayo.


Kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona, akayikoma naphakade. Ngokuba amanzi engiyakumnika wona ayakuba kuye ngumthombo wamanzi aphuphumsayo, kube ngukuphila kwaphakade.”


Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu lwakhe kuyo.”


Konke uBaba angipha khona, kuyakuza kimi; lowo ozayo kimi, angisoze ngamlahla ngaphandle.


Manje yilena intando yongithumileyo, ukuba konke angiphe khona ngingalahlekelwa nangokukodwa kukho, kodwa ngikuvuse ngomhla wokuphela.


Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKhristu uJesu iNkosi yethu.


Ngokuba Yena umelwe ukuba abuse, aze azibeke phansi kwezinyawo zakhe zonke izitha zakhe.


asebenze ngawo kuKhristu emvusa kwabafileyo, wamhlalisa ngakwesokunene sakhe emazulwini,


ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo wonke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba


Kepha ngahawukelwa ngalokhu ukuze uKhristu uJesu akubonakalise kimi engingesikhulu isoni, konke ukubekezela kwakhe, ngibe yisibonelo kulabo abazakukholwa kuye, baze babe nokuphila okuphakade.


Ekugcineni kwale mihla, ukhulume kithi ngeNdodana ayimise ukuba ibe yindlalifa yakho konke, futhi owadala ngayo izwe.


othe esenyukele ezulwini, wahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esebekile phansi kwakhe izingelosi, ababusi neziphathimandla.


Lokho kuphila kwabonakaliswa, sakubona, sifakaza ngakho, futhi sinishumayeza ngalokho kuphila okuphakade okwakukhona kuYise, kwabonakaliswa kithi.


Nasi-ke isithembiso Yena asethembisa sona: ukuphila okuphakade.


Kepha siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda namandla ukuze simazi oyiqiniso. Sikuye oweqiniso, iNdodana yakhe, uJesu Khristu. Lo nguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


nizigcine othandweni lukaNkulunkulu, nilindele umusa weNkosi yethu uJesu Khristu oholela ekuphileni okuphakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka