Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 13:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 UJesu ekwazi ukuthi uYise unikele zonke izinto esandleni sakhe, lokuthi uvela kuNkulunkulu, njalo uye kuNkulunkulu;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 uJesu ekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe nokuthi wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuNkulunkulu,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 UJesu wayekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe, nokuthi Yena wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 UJesu ekwazi ukuthi uYise unikele zonke izinto esandleni sakhe, lokuthi uvela kuNkulunkulu, njalo uye kuNkulunkulu;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 13:3
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Zonke izinto zinikelwe kimi nguBaba; akakho owazi iNdodana, kuphela uBaba; kakho futhi omaziyo uYise, ngaphandle kweNdodana, njalo loba ngubani iNdodana ethanda ukumambulela kuye.


UJesu wasondela wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni.


Tsohle ke di neilwe ke Ntate; mme ha ho ya tsebang Mora ke mang, haese Ntate; le hore na Ntate ke mang, haese Mora, le eo Mora a ratang ho mo senolela yena.


Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.


Kwathi ungakafiki umkhosi wePhasika, uJesu esazi ukuthi ihora lakhe selifikile ukuthi amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni, wabathanda kwaze kwaba sekupheleni.


njengalokhu uyiphile amandla phezu kwenyama yonke, ukuze bonke omnike yona, ibaphe ukuphila okuphakade.


Akakho nowenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu esezulwini.


UYise uyayithanda iNdodana, njalo unikele zonke izinto esandleni sayo.


Kodwa mina ngiyamazi, ngoba ngivela kuye, njalo nguye ongithumileyo.


Khona uJesu wathi kubo: “Kuseyisikhashana nginani, bese ngiya kongithumileyo.


UJesu waphendula, wathi kubo: “Noma ngizifakazela mina, ubufakazi bami buqinisile, ngokuba ngiyazi lapho ngavela khona nokuthi ngiyaphi; kodwa lina kalikwazi lapho engivela khona lalapho engiya khona.


UJesu wathi kubo: “Uma uNkulunkulu ebenguYihlo, beniyakungithanda mina, ngokuba mina ngaphuma ngivela kuNkulunkulu; futhi angizizelanga ngokwami, kodwa yena ungithumile.


Ngakho-ke yonke indlu ka-Israyeli mayazi isibili, ukuthi uNkulunkulu umenzile iNkosi noKristu yena lowo Jesu enambethela esiphambanweni.


Ngokuba izinto zonke uzibekile phansi kwezinyawo zakhe. Kepha nxa ethi zonke izinto zithotshiswe phansi kwakhe, kusobala ukuthi ungaphandle yena owabeka zonke izinto phansi kwakhe.


Ekugcineni kwalezinsuku ukhulumile kithi ngeNdodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke, futhi enza ngayo futhi izwe;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka