Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




Johane 7:33 - IsiZulu 2020

33 Ngakho-ke uJesu wathi: “Kusazokuba yisikhashana nginani, bese ngibuyela kulowo ongithumileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Ngakho-ke uJesu wathi: “Kuseyisikhashana ngikhona kini, besengimuka, ngiye kongithumileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

33 Khona uJesu wathi kubo: “Kuseyisikhashana nginani, bese ngiya kongithumileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Khona uJesu wathi kubo: “Kuseyisikhashana nginani, bese ngiya kongithumileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 7:33
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi lapho iNkosi uJesu isibatshelile konke lokho, yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.


Kwathi sekuzakuba nguMkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi sesifikile isikhathi sakhe sokuba amuke kulo mhlaba aye kuYise, kepha wayebathandile abangabakhe abasemhlabeni kwaze kwaba sekugcineni.


UJesu wayekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe, nokuthi Yena wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuye.


“Bantwanyana, kuseyisikhashana nginani. Niyakungifuna, njengokuba ngasho kubaJuda ukuthi lapho ngiya khona,nina anikwazi ukuza khona. Ngisho lokho nakini manje.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo Mina, naye uyakuyenza; uyakwenza nemikhulu kunale, ngokuba Mina ngiya kuBaba.


kungesikhathi eside, izwe ngeke lisangibona, kepha nina niyangibona, ngokuba ngiyaphila, nani nizakuphila.


“Nizwile, nganitshela ngathi: ngiyahamba, kodwa ngiyakubuya ngize kini. Uma ningithanda beniyojabula, ngokuba ngiya kuBaba, lokhu uBaba mkhulu kunami.


ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, anisayukubuye ningibone;


Ngavela kuBaba, ngeza emhlabeni; manje ngiyawushiya umhlaba, ngibuyela kuBaba.”


“Kepha manje sengiyahamba, ngiya kongithumileyo kodwa akekho phakathi kwenu ongibuzayo athi: ‘Uya kuphi na?’


Angisekho emhlabeni kodwa bona basemhlabeni. Baba ongcwele, bagcine egameni lakho, labo ongiphe bona, ukuze babe munye njengathi.


“Manje sengiza kuwe, ngikhuluma lokhu emhlabeni ukuba babe nokuthokoza kwami, kugcwale kubo.


UJesu wathi kuye: “Ungangithinti, ngokuba angikenyukeli kuBaba. Kepha hamba uye kubazalwane bami, ubatshele ukuthi ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.”


Kufanele senze imisebenzi yongithumileyo kusesemini; buyeza ubusuku lapho kungekho ongasebenza khona.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka