Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 3:13 - IsiZulu 2020

13 Akekho noyedwa owenyukele ezulwini, ngaphandle kwalowo owehla ezulwini, iNdodana yomuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Akakho owenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Akakho nowenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu esezulwini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Akakho nowenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu esezulwini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 3:13
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngubani owenyukele ezulwini, wabuye wehla na? Ngubani oqoqele umoya ezandleni zakhe na? Ngubani osonge amanzi ngengubo yakhe na? Ngubani omise yonke imikhawulo yomhlaba na? Ngubani igama lakhe, ngubani igama lendodana yakhe; ukhona yini olaziyo na?


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


UJesu wayesethi kuso: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kodwa iNdodana yomuntu kayinandawo lapho ingacamelisa khona ikhanda.”


Akekho osewake wabona uNkulunkulu; nguNkulunkulu, iNdodana ezelwe yodwa, esesifubeni sikaYise embonakalisile.


UJesu wayekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe, nokuthi Yena wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuye.


Manje-ke ngikhazimulise Wena Baba, kanye nawe uqobo, ngenkazimulo ebenginayo ngikuwe, umhlaba ungakabi bikho.


Uma nginitshelile ngokomhlaba, kanakholwa; pho ningakholwa kanjani uma nginitshela ngokwasezulwini na?


“Lowo ovela phezulu, uphezu kwakho konke; kanti ovela emhlabeni, ungowomhlaba, ukhuluma okomhlaba. Lowo ovela ezulwini, uphezu kwakho konke.


Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu siyilowo owehla evela ezulwini, oliphayo izwe ukuphila.”


Ngokuba ngehle ezulwini, hhayi ukuzokwenza intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo.


Bathi: “Lo muntu akusiye uJesu, indodana kaJosefa, uyise nonina esibaziyo na? Pho kungani manje, ethi: ‘Ngehle ezulwini,’ na?”


Lokho akusho ukuthi ukhona oseke wambona uBaba, ngaphandle kwalowo ovela kuNkulunkulu, nguYena ombonileyo uBaba.


Mina ngiyisinkwa sokuphila esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila ingunaphakade. Phezu kwalokho, isinkwa engisinikelayo ngenxa yokuphila kwezwe, singumzimba wami.”


Pho-ke niyakuthini lapho nibona iNdodana yomuntu yenyukela lapho yavela khona na?


UJesu wathi kubo: “Uma uNkulunkulu ubenguYihlo, beniyakungithanda Mina, ngokuba ngivela kuNkulunkulu. Angizizelanga ngokwami, kodwa nguye ongithumileyo.


Ngokuba uDavide akenyukelanga ezulwini, kodwa yena uthi: “INkosi yathi eNkosini yami: ‘Hlala ngakwesokunene sami,


Ziqapheleni nina nawo wonke umhlambi uMoya oNgcwele anibeke kuwo ukuba nibe ngabaphathi abelusa ibandla likaNkulunkulu azithengela lona ngegazi lakhe.


Kepha ukulunga okuvela ngokukholwa kuthi: “Ungasho enhliziyweni yakho uthi: ‘Ngubani ozakwenyukela ezulwini na?’ okungukuthi ukwehlisa uKhristu,


Umuntu wokuqala wavela emhlabeni, enziwe ngomhlabathi; umuntu wesibili uvela ezulwini.


lona elingumzimba wakhe, ukuphelela kwakhe okuphelelisa konke, kubo bonke.


Awukho ezulwini ukuba ungathi: ‘Ngubani oyakukhuphuka ngenxa yethu aye ezulwini, asilandele wona, ukuze siwuzwe, siwenze, na?’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka