IsiLilo 1:2 - IsiZulu 2020 Ebusuku ukhala kalusizi, kugeleza izinyembezi ezihlathini; akasekho omduduzayo, phakathi kwezithandwa zakhe. Bonke abangani bakhe abebemkhohlisa, sebephenduke izitha zakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakhala nokukhala ebusuku, izinyembezi zawo zisezihlathini zawo; kawunamduduzi phakathi kwazo zonke izithandwa zawo; bonke abangane bawo bawuphathe ngenkohliso, sebe yizitha zawo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ukhala kakhulu ebusuku, izinyembezi zakhe zisezihlathini zakhe; phakathi kwazo zonke izithandwa zakhe akakho omduduzayo; bonke abangane balo bamkhohlisile, baba yizitha zalo. |
Ngiyisigcono sazo zonke izitha zami, ingasaphathwa-ke eyomakhelwane bami. Sengiyinto esabisayo kubangani bami. Engihlangana nabo emgwaqweni bayangibalekela.
Ngikhathele ngenxa yokububula kwami. Ngimantisa umbhede wami njalo ebusuku, ngincibilikisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami.
Ompofu uzondwa ngisho nayizihlobo zakhe; kakhulu kangakanani-ke abangani bakhe? Bayaziqhelelanisa naye; noma efuna ukukhuluma nabo, abatholwa ndawo.
Kepha uma ningalaleli; umphefumulo wami uyakukhala ngasese, ngenxa yokuzigqaja kwenu; iso lami liyakukhala kalusizi, liphophoze izinyembezi; ngokuba umhlambi kaSimakade uthunjiwe.
Nqanda unyawo lwakho lungabi olungenasicathulo, nomphimbo wakho ukuba ungomi; kepha wena wathi: ‘Kuyize; qha, ngiyabathanda onkulunkulu babezizwe, ngizobalandela.’
“Uma indoda ilahla umkayo, noma yena ahambe ayogana enye indoda, ingabe isabuyela yini kuye na? Lelo lizwe liyobe lingangcoliswanga kakhulu na? Kepha wena ofebe nezithandwa eziningi uyakubuyela kimi,” kusho uSimakade.
Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe, azisakufuni, ngokuba ngikushaye njengesitha, ngakuyala njengononya, ngenxa yobukhulu bokona kwakho, nangenxa yobuningi bezono zakho.
Wena ochithiweyo, wenzani ngokuvunula ngokubomvu nangemvunulo yegolide, nokugqaba amashiya akho ngomuthi, uzenza muhle ngeze na? Izithandwa zakho ziyakwedelela, zifuna ukukubulala.
Sengathi ikhanda lami lingamanzi, namehlo ami ngumthombo wezinyembezi, ukuba ngikhalele ababuleweyo babantu bami imini nobusuku.
“Izithandwa zami ngazibiza, zona zangikhohlisa. Abaphristi namalunga ami bafele emzini, bezama ukufuna ukudla ukuze basimamise ukuphila kwabo.
“Bangizwile ngibubula, kepha akekho ongiduduzile. Zonke izitha zami zizwile ngosizi lwami, zajabula ukuthi nguwe ongenze nje. Lwenze lufike lolo suku owamemezela ngalo, zenze nazo zifane nami.
Ukungcola kwalo kusemphethweni wezingubo zalo, alicabanganga ngomphumela wokona kwalo, liwile ngendlela emangalisayo, akekho ongaliduduza. Bheka Simakade, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sinqobile.
Amehlo ami akhathele ukukhala, kuphethuka izibilini zami; ngiphelelwe yithemba ngenxa yokubhujiswa kwabantu bakithi, nokuquleka kwezingane nabancelayo emigwaqweni yomuzi.
ngakho-ke bheka, ngiyakuziqoqa zonke izithandwa zakho ozithokozise ngazo, zonke ozithandileyo, nazo zonke ozizondileyo; ngiyakuziqoqela kuwe zivela kuzo zonke izindawo, ngizembulele ubunqunu bakho ukuba zibubone bonke.
Uyakulandela izithandwa zakhe, kodwa akayukuzifica, uyakuzifuna kepha akayukuzifumana, bese ethi: “Ngiyakuhamba ngibuyele endodeni yami yokuqala, ngokuba kwakukuhle kimi ngalezo zinsuku kunamanje.”
Ningathembeli kumakhelwane, ningakholwa ngumngani. Qaphela okukhuluma ngomlomo wakho kulowo olala esifubeni sakho.
Izimpondo ezilishumi ozibonileyo nesilo, lezi ziyakusizonda isifebe zisibhubhise, zisihlubule sibe ze, zidle inyama yaso, zisishise ngomlilo.