Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 2:7 - IsiZulu 2020

7 Uyakulandela izithandwa zakhe, kodwa akayukuzifica, uyakuzifuna kepha akayukuzifumana, bese ethi: “Ngiyakuhamba ngibuyele endodeni yami yokuqala, ngokuba kwakukuhle kimi ngalezo zinsuku kunamanje.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Uyakulandela izithandwa zakhe, kepha akayikuzifica; uyakuzifuna, kepha akayikuzifumana; abesethi: ‘Ngiyakuhamba ngibuyele endodeni yami yokuqala, ngokuba kwakukuhle kimi lapho kunamanje.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Uyakuxosha izithandwa zakhe, kepha aziyikuzifica; futhi uyozifuna, kodwa angazitholi; khona-ke uzakuthi: Ngizahamba ngibuyele endodeni yami yokuqala; ngoba ngaleso sikhathi kwakungcono ngami kunamanje.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 2:7
41 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yahlabela onkulunkulu baseDamaseku ababeyishayile, yathi: “Ngokuba onkulunkulu bamakhosi ase-Aramu bayawasiza, ngakho-ke ngiyakuhlabela bona, bayakungisiza nami.” Kepha bamlethela ukuba aqunjwe phansi, kanjalo no-Israyeli wonke.


Buyela endaweni yakho yokuphumula, mphefumulo wami, ngokuba uSimakade ukuphathe ngomusa.


Kodwa nathi: ‘Qha, siyakubaleka ngamahhashi,’ ngakho niyakubaleka: ‘Siyakubaleka sigibele anejubane,’ ngalokho abanixoshayo bayakuba nejubane.


Ngabe kukhona yini phakathi konkulunkulu babezizwe abayize onganisa imvula na? Amazulu angaziletha yini izihlambi na? Akunguwe yini Simakade esiyakukulindela ngesineke na? Ngokuba nguwe owenze konke lokhu.


“ ‘Usho kanje uSimakade, ngiyakukhumbula umusa wobusha bakho, uthando lwakho njengomakoti, nokuthi wangilandela kanjani ehlane, ezweni okungatshalwanga lutho kulo.


Baphi onkulunkulu bakho ozenzele bona na? Mabavuke, uma bengakusindisa ngesikhathi sokuhlupheka kwakho, ngokuba njengomumo wemizi yakho, banjalo onkulunkulu bakho, Juda.


Usheshelani kangaka ukuguqula indlela yakho na? NeGibhithe lizokujabhisa njengalokhu wajabhiswa yi-Asiriya.


“Uma indoda ilahla umkayo, noma yena ahambe ayogana enye indoda, ingabe isabuyela yini kuye na? Lelo lizwe liyobe lingangcoliswanga kakhulu na? Kepha wena ofebe nezithandwa eziningi uyakubuyela kimi,” kusho uSimakade.


“Ngimzwile nokumuzwa u-Efrayimi ezikhalela, ethi: ‘Ungishayile, ngashayeka njengethole elingaqeqeshekile; ngibuyise ukuze ngibuye, ngokuba Wena unguSimakade uNkulunkulu wami.


esingafani nesivumelwano engasenza nokhokho babo; mhla ngibabamba ngesandla, ngibakhipha eGibhithe; isivumelwano sami abasephula noma ngangiyinkosi yabo,” kusho uSimakade.


Kunalokho impela sizokwenza konke esikuthembisile ngemilomo yethu. Sizoyishisela impepho indlovukazi yezulu, siyethulele iminikelo yokuphuzwayo, njengoba besenza thina nokhokho bethu, amakhosi ethu, nezikhulu zethu, emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema. Ngokuba sasidla sisutha ukudla, singahlushwa yilutho.


Wathatha izingubo zakho ezifekethisiweyo, wasibekela ngazo izithombe, wabeka amafutha ami nempepho yami phambi kwazo.


“ ‘ “Ngesikhathi ngiphinda ngidlula ngakuwe, ngakubuka; ngabona ukuthi usukhulile, usungathanda. Ngase ngendlala isembatho sami phezu kwakho, ngafihla ubunqunu bakho, yebo, ngafunga kuwe, ngenza nawe isivumelwano,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade, waba ngowami.


“ ‘ “Lokhu okusengqondweni yenu, impela akusoze kwenzeka, enicabanga, nithi: Siyakufana nezizwe, sifane nabantu bezwe, nathi sikhonze ukhuni netshe.


Wakhanukela abase-Asiriya, izikhulu, ababusi, namabutho empi, ababehlobe ngemvunulo, bengabagibeli bamahhashi, bonke beyizinsizwa ezingamageza.


“Ngalokho-ke Oholiba, isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngiyakukuvusela izithandwa zakho, umphefumulo wakho owehlukene nazo, ngizilethe kuwe zivela macala wonke,


Amagama abo ngu-Ohola, okunguyena omdala, no-Oholiba udadewabo; babengabami, bazala amadodana namadodakazi. Amagama abo yilawa: u-Ohola yiSamariya kuthi u-Oholiba kube yiJerusalema.


“ ‘Kunqunyiwe ngesimemezelo sabalindi nangesiyalezo sezwi labangcwele ukuba abaphilayo bazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo, abeke phezu kwayo ozithobayo kubantu.’


sokuthi uyakuxoshwa kubantu, uhlale nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, umanziswe ngamazolo ezulu, kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakho, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.


uyakuxoshwa kubantu, uhlale nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.”


waxoshwa kubantwana babantu. Inhliziyo yakhe yaba njengeyezilwane, wahlala nezimbongolo zasendle; wadliswa utshani njengezinkabi, nomzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, waze wazi ukuthi uNkulunkulu oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ubeka amthandayo phezu kwayo.


Lapho uSimakade eqala ukukhuluma ngoHoziya, wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele umfazi ophingayo nabantwana bokuphingwa, ngokuba izwe liyaphinga nokuphinga ngokungamlandeli uSimakade.”


Basutha ngokwamadlelo abo, kuthe sebesuthi bazigqaja, base bengikhohlwa Mina.


Israyeli, buyela kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba ukhubekile ngenxa yobubi bakho.


“Kuyakuthi ngalolo lusuku ungibize uthi: ‘Myeni wami,’ ungaphinde ungibize futhi ngokuthi: ‘Bhali wami,’ kusho uSimakade.


“Kwathi lapho u-Efrayimi ebona ukugula kwakhe noJuda ebona isilonda sakhe, u-Efrayimi waya e-Asiriya, wathumela enkosini uJarebi, kodwa nayo ayiyukukwazi ukuniphulukisa, iyakwehluleka ukwelapha isilonda senu.


Ngiyakuhamba, ngibuyele endaweni yami, bayoze balivume icala labo, bafune ubuso bami; kuyakuthi lapho sebesosizini bangifunisise.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka