Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiLilo 1:3 - IsiZulu 2020

3 UJuda usekuthunjweni, ngenxa yokuhlupheka nangenxa yobugqila obukhulu; uhlala phakathi kwezizwe, akakutholi ukuphumula. Bonke abamxoshayo, bamficile phakathi kobuhlungu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UJuda uthunjiwe ngenxa yokuhlupheka nobugqila obuningi; uhlala phakathi kwabezizwe, katholi ukuphumula; bonke abamzingelayo bamfica ephakathi kobuhlungu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UJuda waya ekudingisweni ngenxa yosizi nangenxa yobugqila obukhulu; uhlala phakathi kwezizwe, kakutholi ukuphumula; bonke abashushisi balo balifica endaweni engenalutho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiLilo 1:3
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abanye abantu abasala emzini, nalabo abahlubukayo, bahlubukela ngasohlangothini lwenkosi yaseBhabhele, nesixuku esiseleyo, uNebuzaradani, induna yabalindi, wabathumba bonke.


Inkosi yaseBhabhele yabashaya, yababulalela khona eRibhila, eHamathi. UJuda waya ekuthunjweni esuswa ezweni lakubo.


Wonke amabutho awufohla umuzi ngalobo busuku, abaleka ngendlela yesango elaliphakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi. AmaKhaledi ayewuzungeze nxazonke umuzi, amabutho ahamba ngendlela ese-Araba.


Impi yamaKhaledi yayixosha inkosi, yayifica emathafeni eJerikho, yonke impi yayo yahlakazeka, yayishiya.


Imizi eNegevu ivaliwe, akekho oyivulayo. UJuda wonkana uthunjiwe, uthunjwe ngokupheleleyo.


“Ngokuba, niyabona, ngizakuthumela abadobi abaningi babadobe,” usho kanje uSimakade, “ngithumele nabazingeli abaningi, babazingele kuzo zonke izintaba, nakuwo wonke amagquma, nasemifantwini yamadwala.


Ngiyakubenza babe yisinengiso nesikhubekiso emibusweni yonke yomhlaba, babe yihlazo nesaga, inhlekisa nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo.


Insali yabantu ababesemzini, namambuka ayehlubukele kuye, nalabo bantu ababesele kuNebuzaradani, induna yabalindi, wabathumbela eBhabhele.


UNebuzaradani, induna yabalindi, wathumba abantu abathile ababempofu, ababesele emzini, nalabo ababehlubukele enkosini yaseBhabhele, nezingcweti ezazisele.


Kepha amabutho amaKhaledi ayihubha inkosi, amfica uZedekiya emathafeni aseJerikho, amabutho akhe wonke ahlakazeka.


Amasango alo abishe emhlabathini; usakaze, waphoqoza imigoqo yalo. Inkosi nababusi sebephakathi kwezizwe, akasekho ofundisa umthetho, nabaphrofethi abasaboni mbono ovela kuSimakade.


Abantu babebahebeza, bethi: “Sukani lapha, ningcolile! Sukani, sukani, ningasithinti!” Ngakho-ke baphenduka abafokazi nemizulane; abantu phakathi kwezizwe bathi: “Anisoze nagogobala lapha!”


Abasixoshayo basihleli entanyeni, sikhathele, asikutholi ukuphumula.


Ingxenye yokuthathu yenu, iyakufa ngobhubhane nangendlala, bayoshabalala phakathi kwakho. Ingxenye yokuthathu elandelayo, iyakuwa ngenkemba nxazonke zakho, kuthi ingxenye yokuthathu yokugcina ihlakazelwe kuyo yonke imimoya, Mina ngizohosha inkemba, ngizixoshe.


Uyozikhonza izitha zakho uSimakade ayozithumela kuwe ngokulamba, ngokoma, ngobunqunu, nangokweswela izinto zonke, uyobeka ijoka lensimbi entanyeni yakho, aze akubhubhise.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka