Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 6:6 - IsiZulu 2020

6 Ngikhathele ngenxa yokububula kwami. Ngimantisa umbhede wami njalo ebusuku, ngincibilikisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngikhathele ukububula kwami; ngimanzisa icansi lami njalo ebusuku, ngimanzisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngikhathele ukububula kwami; ubusuku bonke ngigezisa umbhede wami; nginisela ukhukho lwami ngezinyembezi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 6:6
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Ngiyakuzonda ukuphila kwami, ngizokhononda ngokukhululeka, ngizokhuluma ebumunywini bomphefumulo wami.


Abangani bami bayangiklolodela, iso lami liphophoza izinyembezi kuNkulunkulu,


“Nanamuhla ukukhononda kwami kumunyu; isandla sami sinzima, nakuba ngibubula.


kanjalo ngabelwe izinyanga zokungenanzuzo, ngamiselwa ubusuku benhlupheko.


Abafileyo abamdumisi uSimakade, namunye wabo asebehlele endaweni yabafileyo.


Yizwa, Simakade, ube nomusa kimi; Simakade yiba ngumsizi wami!”


Nkosi, zonke izifiso zami ziphambi kwakho, ukububula kwami akufihlakele kuwe.


“Simakade, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe ekunxuseni kwami, izinyembezi zami mazingakuniki ukuthula. Ngokuba kuwe ngingumfokazi, isihambi, njengokhokho bami.


Izinyembezi zami zingukudla kwami imini nobusuku, ngokuba usuku lonke bathi kimi: “Uphi uNkulunkulu wakho na?”


Ngikhathele wukukhala, umphimbo wami ugagadekile. Amehlo ami anqundekile ngukulindela uNkulunkulu wami.


Ethuneni kuyolandiswa yini ngomusa wakho, nangokwethembeka kwakho, endaweni yokubhujiswa na?


Iso lami liyafa wusizi, ngikhala kuwe, Simakade imihla yonke, izandla zami ngizelulela kuwe.


Ngokuba indawo yabafileyo ayinakukubonga, nokufa akunakukudumisa; abehlela egodini abanakuthembela ekulungeni kwakho.


“Uyokhuluma leli lizwi kubo, uthi: “ ‘Amehlo ami mawagobhoze izinyembezi imini nobusuku, zinganqamuki, ngokuba intombi, indodakazi yabantu bami, ilimele kakhulu impela; ukulimala kwayo kuyenze yagula kakhulu.


“Ngenxa yalokho ngiyakhala, ngikhihla isililo, ngokuba akukho mduduzi eduze nami obezohlumelela umoya wami. Abantwana bami bayincithakalo, ngoba isitha singehlulile.”


Ebusuku ukhala kalusizi, kugeleza izinyembezi ezihlathini; akasekho omduduzayo, phakathi kwezithandwa zakhe. Bonke abangani bakhe abebemkhohlisa, sebephenduke izitha zakhe.


Amehlo ami akhathele ukukhala, kuphethuka izibilini zami; ngiphelelwe yithemba ngenxa yokubhujiswa kwabantu bakithi, nokuquleka kwezingane nabancelayo emigwaqweni yomuzi.


Wema ngemuva kukaJesu, ngasezinyaweni zakhe, ekhala. Waqala ukumatisa izinyawo zikaJesu ngezinyembezi zakhe, wayesezesula ngezinwele zakhe, wazanga izinyawo ephindelela, wayesezigcoba ngamakha.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka