Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 8:10 - IsiZulu 2020

Ngaleso sikhathi uZebha noZalimuna babeseKharikhori nebutho labo, elalingamadoda ayizi-15 000, ayesale empini yabantu basempumalanga, ngoba kwakufe ngenkemba amadoda ayizi-120 000 ayehlome ngenkemba.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

OZeba noSalimuna babeseKarkori, izimpi zabo zinabo kungathi abantu abayizinkulungwane eziyishumi nanhlanu, bonke ababesele empini yonke yabasempumalanga, ngokuba kwakuwile abantu abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abahloma inkemba.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

USeba noSalimuna baseKarkori, namabutho abo kanye nabo, kungathi amadoda ayizinkulungwane eziyishumi nanhlanu, bonke abaseleyo kuwo wonke amakamu abantwana basempumalanga; ngoba kwawa amadoda ayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili ahloma inkemba.

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 8:10
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yathi ukuba ibone inkosi yakwaMowabi ukuthi impi inamandla amakhulu kuneyayo, yaqoqa amabutho angama-700 ahosha inkemba, azama ukujikijela ngayo inkosi yakwa-Edomi, kodwa ehluleka.


U-Abhiya namabutho akhe bababhubhisa, bebulala abakhulu nabancane kwa-Israyeli. Kwafa amabutho akhethiweyo ayizi-500 000.


UPheka, indodana kaRemaliya, wabulala izinkulungwane eziyizi-120 000 kwaJuda ngasuku lunye, bonke babengamadoda anamandla, ngokuba bamshiya uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.


Abakwa-Israyeli bathumba abafowabo abayizi-200 000, abesifazane, amadodana namadodakazi, babaphanga impango eningi, babayisa eSamariya.


Ingelosi kaSimakade yaphuma yabulala enkanjini yabase-Asiriya abayizi-185 000. Kuvukwa ngakusasa, babona ukuthi bonke babefile kuyizigingqane zezidumbu.


Ngokuba uyakunqamula ijoka lomthwalo wabo, nenduku esemahlombe abo, nentonga yocindezelayo, njengosuku mhla kunqotshwa abakwaMidiyani.


AbakwaBhenjamini ababalwa ngalolo lusuku babengamadoda ayizi-26 000 ahlome ngenkemba, aphuma emizini yakhona, zingabaliwe izakhamuzi zaseGibheya. Amadoda abalwa, akhethwa ayengama-700.


Abakwa-Israyeli, ngaphandle kwabakwaBhenjamini, baba ngamadoda ayizi-400 000 ayehlome ngenkemba, wonke kungamaqhawe.


Abaholi babo bonke abantu, bazo zonke izizwana zakwa-Israyeli, babekhona emhlanganweni wabantu bakaNkulunkulu, amabutho ahamba ngezinyawo ephethe izikhali ayeyizi-400 000.


AbakwaBhenjamini baphuma eGibheya ukuyolwa nabakwa-Israyeli ngosuku lwesibili, babulala abayizi-18 000 zamadoda akwa-Israyeli ayehlome ngenkemba.


USimakade wabanqoba abakwaBhenjamini phambi kuka-Israyeli. Abakwa-Israyeli babhubhisa amadoda akwaBhenjamini ayizi-25 100, wonke ayehlome ngenkemba.


AbakwaBhenjamini ababulawa ngalolo lusuku kwakungamadoda ayizi-25 000 ayehlome ngezinkemba, futhi wonke engamaqhawe.


Ngokuba babekhuphuka nemfuyo yabo namathende abo, kube sengathi zinkumbi zesikhonyane; amadoda akhona, namakameli kwakukuningi kakhulu kungabaleki; babetheleka ezweni ukuba balibhubhise.


AbakwaMidiyani nabase-Amaleki, nabo bonke abasempumalanga babelele esigodini bebaningi njengesikhonyane; namakameli abo engenakubalwa njengesihlabathi solwandle.


Ngesikhathi efika uGideyoni, enye yamadoda yayixoxela umngani wayo iphupho layo, ithi: “Ngibe nephupho; ngiphuphe iqebelengwane lesinkwa esiyindilinga sebhali ligingqikela enkanjini yakwaMidiyani. Lifike lashaya ithende lawa, lagumbuqela, lapatalala.”


Ngesikhathi eshaya amacilongo angama-300, uSimakade wenza ukuba izitha zibulalane zodwa, yonke impi yesitha; impi yabaleka yaze yayofika eBhethi Shitha ngaseZerera, nasemngceleni wase-Abhela Mehola ngaseThabhathi.


UGideyoni wakhuphuka ngomzila walabo ababehlala emathendeni ngasempumalanga kwaseNobha, naseJogibheha, wayihlasela impi ngoba yayingazelele.