Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 7:22 - IsiZulu 2020

22 Ngesikhathi eshaya amacilongo angama-300, uSimakade wenza ukuba izitha zibulalane zodwa, yonke impi yesitha; impi yabaleka yaze yayofika eBhethi Shitha ngaseZerera, nasemngceleni wase-Abhela Mehola ngaseThabhathi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Abetha amacilongo angamakhulu amathathu, uJehova wabhekisa inkemba yalowo nalowo ngakumngane wakhe nakulo ikamu lonke; ikamu labaleka kwaze kwaba seBeti Shitha ngaseSerera, laze lafika emkhawulweni we-Abela Mehola ngaseThabati.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Abangamakhulu amathathu bavuthela izimpondo, uJehova wabeka inkemba yalowo nalowo kumngane wakhe nakuyo yonke impi;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 7:22
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ugcobe futhi noJehu, indodana kaNimishi, abe yinkosi kwa-Israyeli, bese ugcoba no-Elisha, indodana kaShafathi wase-Abhela Mehola, abe ngumphrofethi esikhundleni sakho.


uBhahana, indodana ka-Ahiludi eThahanaki, eMegido, nakulo lonke iBhethi Sheyani elingaseceleni kweZarethani, ngezansi kwaseJizreyeli, kusukela eBhethi Sheyani kuze kube se-Abhela Mehola nangaphesheya kweJokimeyamu;


Abakwa-Amoni nabakwaMowabi bamelana nezakhamuzi zasentabeni iSeyiri, bababhubhisa baphela nya. Kwathi sebeziqothule nya zonke izakhamuzi zaseSeyiri, base bephenduka babulalana bodwa.


Yenza kubo njengakuMidiyani, nakuSisera nakuJabhini ngasemfuleni iKishoni,


“Ngizonyakazisa abaseGibhithe bavukelane bodwa, umfowabo alwe nomfowabo, umakhelwane alwe nomakhelwane, umuzi ulwe nomuzi, nombuso ulwe nomunye umbuso.


Uyokwandisa isizwe, usenze siphuphume injabulo; siyothokoza phambi kwakho njengokujabula ngesikhathi sokuvuna, njengoba abantu bejabula lapho babelana impango.


Ngokuba uyakunqamula ijoka lomthwalo wabo, nenduku esemahlombe abo, nentonga yocindezelayo, njengosuku mhla kunqotshwa abakwaMidiyani.


Ngiyakumbizela inkemba uGogi imelane naye, ivela kuzo zonke izintaba zami, inkemba yalowo nalowo iyakumelana nomfowabo.


Ugwaza ikhanda lomholi wabo ngeyakhe imikhonto, lapho amabutho akhe engithelekela ukuba angihlakaze, ejabula njengazoshwabadela ompofu esithe.


ngigumbuqele izihlalo zobukhosi zemibuso, ngiwaqede amandla emibuso yabezizwe, ngiketule izinqola nabagibele kuzo; afumbeke phansi amahhashi nabagibeli bawo, kube yilowo nalowo adliwe yinkemba yomfowabo.


Kuyakuthi ngalolo lusuku kube khona kubo isiphithiphithi esikhulu esivela kuSimakade. Bayakugxavulana bodwa, umakhelwane abeke isandla umakhelwane wakhe.


Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, hhayi obuvela kithi.


amanzi anqamuka ukugeleza, aba yintaba aze ayofinyelela ngase-Adamu, eliseduze neZarethani. Kwathi amanzi agelezela olwandle i-Araba, uLwandle Lukasawoti nawo anqamuka, abantu bawela umfula maqondana neJerikho.


Lapho sekungokwesikhombisa, abaphristi sebewashayile amacilongo, uJoshuwa wathi kubantu: “Memezani kakhulu, ngokuba uSimakade uwunikele kini lo muzi.


Abantu bamemeza kakhulu, kwakhala amacilongo. Kwathi ukuba abantu bezwe ukukhala kwamacilongo, bamemeza kakhulu, lwawa udonga, ngakho-ke abantu bawuthelekela, bawudla umuzi.


nabaphristi abayisikhombisa bephethe amacilongo ayisikhombisa ezimpondo zezinqama, behamba phambi komphongolo wesivumelwano. Ngosuku lwesikhombisa uyakuwuzungeza umuzi kuze kube kasikhombisa, abaphristi bebetha amacilongo.


Kwathi lapho kufika isikhathi sokuthi uMerabi, indodakazi kaSawule, agane uDavide, uSawule uyise, wamganisela u-Adriyeli waseMehola, waba ngumkakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka