Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 7:21 - IsiZulu 2020

21 Wonke amadoda ama, yileyo naleyo endaweni yayo ezungeze inkambu, wonke amadoda ayesenkanjini akhala, abaleka, acela empunzini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Onke amadoda ayemi, kwaba yileyo naleyo, ahaqa ikamu; bonke abasekamu bagijima bamemeza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Bema, kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe nxazonke zekamu; yonke impi yagijima, yamemeza, yabaleka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 7:21
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwaba yilowo nalowo wabulala owakhe umuntu. Ama-Aramu abaleka, u-Israyeli wawahubha, kodwa uBheni Hadadi, inkosi yama-Aramu, waphunyuka egibele ihhashi ekanye nabamahhashi bakhe.


wathi: “Yizwani nina nonke bakwaJuda, zakhamuzi zaseJerusalema, nawe nkosi Jehoshafathi: usho kanje kini uSimakade, uthi: ‘Ningesabi, ningapheli amandla ngenxa yalesi sixuku esikhulu, ngokuba impi ayisiyo eyenu, ingekaNkulunkulu.


Akusikho okwenu ukulwa kule mpi; zihleleni, nime, nibone ukunqoba kukaSimakade, nina Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumelani kubo kusasa, ngokuba uSimakade uzakuba nani.’ ”


Izinqola zabo zempi zabhajwa, amasondo ahamba kanzima, ngakho-ke abaseGibhithe bathi: “Masibalekeni phambi kwabakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade uyabalwela, umelene nabaseGibhithe.”


Izikhohlakali zibaleka noma kungekho ozixoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


Ngokuba yasho njalo iNkosi uSimakade oNgcwele ka-Israyeli, yathi: “Lapho niphenduka niphumula, niyakusindiswa, amandla enu abe sekuthuleni nasekwethembeni, kepha anithandanga.


Ngokuba usizo lweGibhithe luyize, futhi alunto yalutho, yingakho ngilibiza ngoRahabi ohleze ethule.


bacima amandla omlilo, baphunyuka enkembeni, baphiwa amandla ebuthakathakeni, baba yiziqhwaga empini, baxosha izimpi zabezizwe.


Omathathu amaqembu abetha amacilongo, abulala izitsha ayeziphethe, ephethe izihlonti ngezandla zawo zokudla, ashaya amacilongo amemeza, athi: “Inkemba kaSimakade nekaGideyoni!”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka