Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 7:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Onke amadoda ayemi, kwaba yileyo naleyo, ahaqa ikamu; bonke abasekamu bagijima bamemeza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

21 Wonke amadoda ama, yileyo naleyo endaweni yayo ezungeze inkambu, wonke amadoda ayesenkanjini akhala, abaleka, acela empunzini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Bema, kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe nxazonke zekamu; yonke impi yagijima, yamemeza, yabaleka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 7:21
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Babulala, kwaba yilowo nalowo umuntu wakhe; ama-Aramu abaleka, u-Israyeli wawaxosha; uBeni Hadadi inkosi yama-Aramu waphunyuka ngehhashi kanye nabamahhashi.


wathi: “Yizwani nina nonke bakwaJuda, nabakhileyo eJerusalema, nawe nkosi Jehoshafati: usho kanje kini uJehova, uthi: ‘Ningesabi, ningapheli amandla ngenxa yalesi sixuku esikhulu, ngokuba impi ayisiyo eyenu, ngekaNkulunkulu.


Akusikho okwenu ukulwa kule mpi; zihleleni, nime, nibone ukunisindisa kukaJehova, nina Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumelani kubo kusasa, ngokuba uJehova unani.’ ”


Wawisa amasondo ezinqola ukuba bahambise kalukhuni, baze bathi abaseGibithe: “Masibaleke ebusweni buka-Israyeli, ngokuba uJehova uyabalwela emelene nabaseGibithe.”


Ababi bayabaleka, noma kungekho obaxoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


Ngokuba yasho njalo iNkosi uJehova, oNgcwele ka-Israyeli, yathi: “Niyakusindiswa ngokuphenduka nangokuphumula, amandla enu abe ngukuthula nangokwethemba; kepha anithandanga.


IGibithe lisiza ngeze nangento engelutho; ngalokho ngilibize ngokuthi iRahabi elihlezi lithule.


bacima amandla omlilo, baphepha osikweni lwenkemba, baphiwa amandla ebuthakathakeni, baba yiziqhwaga empini, baxosha izimpi zabezizwe.


Izigaba zontathu zabetha amacilongo, zaphohloza izitsha, zaphatha izimbaqa ngezandla zokhohlo namacilongo ngezandla zokunene ukuba ziwabethe; zamemeza zathi: “Inkemba kaJehova nekaGideyoni!”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka