Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 7:12 - IsiZulu 2020

12 AbakwaMidiyani nabase-Amaleki, nabo bonke abasempumalanga babelele esigodini bebaningi njengesikhonyane; namakameli abo engenakubalwa njengesihlabathi solwandle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 AbakwaMidiyani nama-Amaleki nabo bonke abasempumalanga bahlala esigodini njengesikhonyane ngobuningi; amakamela abo ayengenakubalwa, engangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 AbakwaMidiyani nama-Amaleki nabo bonke abantwana basempumalanga babelele esigodini njengesikhonyane ngobuningi; namakamela abo ayengenakubalwa ngangesihlabathi solwandle ngobuningi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 7:12
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abakwa-Israyeli bahlanganiswa nabo, baphiwa ukudla, base behamba ukuyobhekana nabo. Abakwa-Israyeli bakanisa phambi kweyesitha, babefana nemihlanjana emibili yamazinyane ezimbuzi, kodwa ama-Aramu ayegcwalise izwe.


Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwakukukhulu kwedlula ukuhlakanipha kwabantu bonke basempumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibhithe.


Simakade, ziningi izitha zami. Baningi abangivukelayo.


Inkosi ayisindiswa wubuningi bempi yayo; iqhawe alikhululwa ngamandla alo amakhulu.


Bazoligawula ihlathi lalo,” kusho uSimakade, “nakuba licinene; ngokuba baningi kunesikhonyane, abanakubalwa.


Aphuma wonke namabutho awo, impikazi eyayingangesihlabathi solwandle, inamahhashi amaningi kakhulu, nezinqola zempi.


Ngokuba njalo lapho abakwa-Israyeli sebelimile, abakwaMidiyani nama-Amaleki nezinye izizwe zasempumalanga babekhuphuka, babahlasele.


Kwase kubuthana bonke abakwaMidiyani, abase-Amaleki, nabantu basempumalanga, bawela iJordani, bakanisa esigodini iJizreyeli.


Ngokuba babekhuphuka nemfuyo yabo namathende abo, kube sengathi zinkumbi zesikhonyane; amadoda akhona, namakameli kwakukuningi kakhulu kungabaleki; babetheleka ezweni ukuba balibhubhise.


Ngesikhathi efika uGideyoni, enye yamadoda yayixoxela umngani wayo iphupho layo, ithi: “Ngibe nephupho; ngiphuphe iqebelengwane lesinkwa esiyindilinga sebhali ligingqikela enkanjini yakwaMidiyani. Lifike lashaya ithende lawa, lagumbuqela, lapatalala.”


Ngaleso sikhathi uZebha noZalimuna babeseKharikhori nebutho labo, elalingamadoda ayizi-15 000, ayesale empini yabantu basempumalanga, ngoba kwakufe ngenkemba amadoda ayizi-120 000 ayehlome ngenkemba.


AmaFilisti abuthanela ukulwa no-Israyeli: izinqola eziyizi-30 000, abamahhashi abayizi-6 000, nabantu ababebaningi ngangesihlabathi ogwini lolwandle, benyuka bakanisa eMikhimashi empumalanga eBhethi Aveni.


UDavide wababulala kusukela ekushoneni kwelanga kwaze kwahlwa ngakusasa, akuphunyukanga muntu kubo ngaphandle kwezinsizwa ezingama-400 ezagibela amakameli, zabaleka.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka