Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 7:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 AbakwaMidiyani nama-Amaleki nabo bonke abasempumalanga bahlala esigodini njengesikhonyane ngobuningi; amakamela abo ayengenakubalwa, engangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 AbakwaMidiyani nabase-Amaleki, nabo bonke abasempumalanga babelele esigodini bebaningi njengesikhonyane; namakameli abo engenakubalwa njengesihlabathi solwandle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 AbakwaMidiyani nama-Amaleki nabo bonke abantwana basempumalanga babelele esigodini njengesikhonyane ngobuningi; namakamela abo ayengenakubalwa ngangesihlabathi solwandle ngobuningi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 7:12
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abantwana bakwa-Israyeli babalwa, baphiwa ukudla, bahamba ukuhlangabezana nabo; abakwa-Israyeli bamisa phambi kwabo njengemihlanjana emibili yamazinyane ezimbuzi, kepha ama-Aramu agcwalisa izwe.


Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwadlula ukuhlakanipha kwabantu bonke basempumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibithe.


Hhawu, Jehova, ziningi izitha zami. Baningi abangivukelayo.


Ayikho inkosi esindiswa ngobuningi bempi yayo; isiqhwaga asikhululwa ngobukhulu bamandla aso.


Bagawula ihlathi lalo,” usho uJehova, “ngokuba alinakuhanjwa, lokhu bebaningi kunesikhonyane, bengenakubalwa.


Aphuma wona nawo onke amabandla awo enawo, abantu abaningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi, namahhashi nezinqola eziningi kakhulu.


Kwathi nxa abakwa-Israyeli sebelimile, abakwaMidiyani benyuka nama-Amaleki nabasempumalanga, bakhuphukela kubo,


Kwabuthana bonke abakwaMidiyani, nama-Amaleki, nabasempumalanga, bawela, bamisa esiGodini saseJizreyeli.


Ngokuba benyuka nezinkomo zabo namatende abo, bafika njengesikhonyane ngobuningi; babengenakubalwa bona namakamela abo; bafika ezweni ukuba baliqede.


Lapho efika uGideyoni, bheka, umuntu wayelandisa umngane wakhe iphupho, wathi: “Ngaphupha iphupho; bheka, iqebelengwane lesinkwa sebhali* lagingqikela ekamu lakwaMidiyani, lafika etendeni, lalishaya laze lawa, laligumbuqela, labhadalala.”


OZeba noSalimuna babeseKarkori, izimpi zabo zinabo kungathi abantu abayizinkulungwane eziyishumi nanhlanu, bonke ababesele empini yonke yabasempumalanga, ngokuba kwakuwile abantu abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abahloma inkemba.


AmaFilisti abuthana ukuba alwe no-Israyeli: izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu, nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisithupha, nabantu abangangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi; benyuka bamisa eMikimashi ngasempumalanga kwaseBeti Aveni.


UDavide wababulala kusukela ekuhweleleni kuze kuhlwe ngangomuso, akwaphunyuka muntu kubo, kuphela izinsizwa ezingamakhulu amane ezazikhwela amakamela, zabaleka.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka