Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 20:2 - IsiZulu 2020

2 Abaholi babo bonke abantu, bazo zonke izizwana zakwa-Israyeli, babekhona emhlanganweni wabantu bakaNkulunkulu, amabutho ahamba ngezinyawo ephethe izikhali ayeyizi-400 000.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Izinhloko zabantu bonke, izizwe zonke zakwa-Israyeli, zafika ebandleni labantu bakaNkulunkulu, abantu abayimigundatshani; abayizinkulungwane ezingamakhulu amane, abahlome inkemba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kwasekubonakala izikhulu zabo bonke abantu bezizwe zonke zakwa-Israyeli ebandleni labantu bakaNkulunkulu, amadoda ayizinkulungwane ezingamakhulu amane angumgundatshani, arhola inkemba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 20:2
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi-ke owesifazane: “Pho wena ukwenzeleni okunjalo kubantu bakaNkulunkulu na? Ngokukhuluma leli lizwi inkosi izibeka icala yona, ngokuba inkosi ingambuyisi oxoshiweyo wayo.


UJowabe walethula enkosini inani nomumo wabantu ababebaliwe: kwa-Israyeli kwakunamadoda ayizi-800 000 anamandla ayehlome ngenkemba. KwaJuda kunamadoda ayizi-500 000.


Yathi ukuba ibone inkosi yakwaMowabi ukuthi impi inamandla amakhulu kuneyayo, yaqoqa amabutho angama-700 ahosha inkemba, azama ukujikijela ngayo inkosi yakwa-Edomi, kodwa ehluleka.


Kuthe ukuba abakwa-Israyeli bakuzwe lokho, yonke inhlangano yabakwa-Israyeli yabuthana eShilo ukuze balwe nabo.


AbakwaBhenjamini ababalwa ngalolo lusuku babengamadoda ayizi-26 000 ahlome ngenkemba, aphuma emizini yakhona, zingabaliwe izakhamuzi zaseGibheya. Amadoda abalwa, akhethwa ayengama-700.


Abakwa-Israyeli, ngaphandle kwabakwaBhenjamini, baba ngamadoda ayizi-400 000 ayehlome ngenkemba, wonke kungamaqhawe.


Abozalo lukaBhenjamini bezwa ukuthi abantu bakwa-Israyeli bakhuphukele eMizpha. Abantu bakwa-Israyeli bathi: “Sitshele, lobu bubi benzeke kanjani, na?”


Ngaleso sikhathi uZebha noZalimuna babeseKharikhori nebutho labo, elalingamadoda ayizi-15 000, ayesale empini yabantu basempumalanga, ngoba kwakufe ngenkemba amadoda ayizi-120 000 ayehlome ngenkemba.


Wabahlela eBhezeki; abakwa-Israyeli babeyizi-300 000; abakwaJuda beyizi-30 000.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka