Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 8:11 - IsiZulu 2020

11 UGideyoni wakhuphuka ngomzila walabo ababehlala emathendeni ngasempumalanga kwaseNobha, naseJogibheha, wayihlasela impi ngoba yayingazelele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 UGideyoni wenyuka ngendlela yabahlala ematendeni ngasempumalanga kwaseNoba neJogibeha, wanqoba impi, impi yayithi ilondekile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 UGideyoni wakhuphuka ngendlela yabahlala ematendeni ngasempumalanga kwaseNoba naseJogibeha, wachitha impi, ngokuba impi yayihlezi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 8:11
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

i-Athirothi Shofanu, iJazeri, iJogibheha,


UNobha wahamba wadla iKenathi nemizi yalo, walibiza ngokuthi iNobha, okuyigama lakhe.


Uma bethi: “Ukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo; kabasoze baphunyuka.


Bathatha okwakwenziwe nguMikha nomphristi wakhe, bafika eLayishi kubantu abanokuthula, belondekile, bababulala ngenkemba, bashisa nomuzi ngomlilo.


Ngaleso sikhathi uZebha noZalimuna babeseKharikhori nebutho labo, elalingamadoda ayizi-15 000, ayesale empini yabantu basempumalanga, ngoba kwakufe ngenkemba amadoda ayizi-120 000 ayehlome ngenkemba.


UZebha noZalimuna babaleka, kodwa wabahubha, wawabamba lawo makhosi amabili akwaMidiyani, amabutho wonke angenwa yingebhe.


USamuweli wayesethi: “Mletheni kimi u-Agagi, inkosi yama-Amaleki.” U-Agagi wafika kuye eboshiwe. U-Agagi wathi: “Impela umunyu wokufa usudlulile.”


Yayisimehlisela kubo. Bheka, babehlakazeke indawo yonke; bedla, bephuza, besina ngenxa yempango ababeyidle ezweni lamaFilisti nakwaJuda.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka