Base bebuya, bafika e-Enimishipati eyiKadeshi, balichitha lonke izwe lama-Amaleki, nama-Amori ayehlala eHasoni-Tamari.
UNumeri 13:26 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ahamba afika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi; wababikela kanye nebandla lonke, wabazisa izithelo zezwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Baya bafika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi, babuyisela izwi kubo nakuyo yonke inhlangano, bababonisa izithelo zezwe. IsiZulu 2020 Bahamba, bafika kuMose no-Aroni nalo lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli ehlane iPharanu, eKadeshi. Bethula umbiko ngababekubonile, babakhombisa nezithelo zalelo lizwe. |
Base bebuya, bafika e-Enimishipati eyiKadeshi, balichitha lonke izwe lama-Amaleki, nama-Amori ayehlala eHasoni-Tamari.
UMose wabathuma besuka ehlane lasePharanu ngesiyalezo sikaJehova; wonke lawo madoda ayezinhloko zabantwana bakwa-Israyeli.
Abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yonke, bafika ehlane laseSini ngenyanga yokuqala; abantu bahlala eKadeshi; uMiriyamu wafela khona, wembelwa khona.
UMose wayesethuma izithunywa enkosini yakwa-Edomi zisuka eKadeshi, zithi: ‘Usho kanje umfowenu, u-Israyeli, uthi: Wena uyakwazi konke ukuhlupheka okusehlele.
Kwathi lapho simbiza uJehova, walizwa izwi lethu, wathuma ingelosi, yasikhipha eGibithe; bheka, siseKadeshi, umuzi osekugcineni komkhawulo wakho.
Yilokho oyihlo abakwenzayo lapho ngibathuma besuka eKadeshi-Barineya ukuba babone izwe.
Ngokuba lapho bekhuphukela esigodini sase-Eshikoli, balibona izwe, badumaza izinhliziyo zabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangangeni ezweni uJehova abanika lona.
Sasuka eHorebe, sadabula lonke ihlane elikhulu nelesabekayo enalibonayo endleleni yasentabeni yama-Amori, njengalokho uJehova uNkulunkulu wethu wasiyala; safika eKadeshi Barineya.
(Kuwuhambo lwezinsuku eziyishumi nanye ukusuka eHorebe ngomgwaqo osuka entabeni yaseSeyiri ukuya eKadeshi-Barineya.)
Abantwana bakoJuda basebesiza kuJoshuwa eGiligali; uKalebi indodana kaJefune umKhenazi wathi kuye: Wena uyakwazi okwakhulunywa nguJehova kuMozisi umuntu kaNkulunkulu ngami lawe eKadeshi Barineya.
Ngangineminyaka engamashumi amane lapho uMose inceku kaJehova wangithuma ngisuka eKadeshi Barineya ukuhlola izwe; ngaphinda ngatshumayela kuye njengokusenhliziyweni yami.