Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 13:27 - Contemporary Zulu Bible 2024

27 Bamtshela bathi: “Sifikile ezweni owasithuma kulo, futhi lichichima ubisi nezinyosi; lesi yisithelo sawo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Bamtshela bathi: “Safika-ke ezweni owasithuma kulo; ngempela livame ubisi nezinyosi; lokhu kuyizithelo zalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

27 Bambikela bathi: “Siyile ezweni obusithume kulo salihlola; ngempela lichichima ubisi noju; nazi izithelo zalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 13:27
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bathatha imizi eqinile nezwe elivundile, badla izindlu ezigcwele konke, imithombo embiweyo, nezivini, neminqumo, nemithi yezithelo ngobuningi; badla, basutha, bakhuluphala, bajabula ngobuhle bakho obukhulu.


Kuyakuthi lapho uJehova eseningenise ezweni lamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaHivi, namaJebusi, eyathembisa oyihlo ngesifungo ukuninika lona, izwe elichichima ubisi nezinyosi, nigcine leli zwe. Isevisi kule nyanga.


Ngathi: Ngiyakunikhuphula ekuhluphekeni kwaseGibithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, ezweni elichichima ubisi nezinyosi.


Futhi ngehla ukuze ngibasindise esandleni sabaseGibhithe futhi ngibaqeqeshe baphume kulelo zwe ngibayise ezweni elihle nelikhulu, ezweni elichichima ubisi nezinyosi; endaweni yamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi;


Ezweni elivame ubisi nezinyosi, ngokuba angiyikukhuphukela phakathi kwenu; ngokuba niyisizwe esintamo-lukhuni, funa nginiqede endleleni.


ukuze ngigcwalise isifungo engasifunga koyihlo, ukubanika ilizwe elichichima ubisi lezinyosi, njengalamuhla. Ngasengiphendula ngathi: Makube njalo, Jehova;


Wabapha leli zwe owathembisa ngalo koyise ngesifungo ukubanika lona, izwe elichichima ubisi nezinyosi;


Kepha nami ngabaphakamisela isandla sami ehlane, ukuthi angiyikubangenisa ezweni engabanika lona, elichichima ubisi nezinyosi, elikhazimulayo emazweni onke;


mhla ngibaphakamisela isandla sami ukuba ngibakhiphe ezweni laseGibithe ngibayise ezweni engangibabonele lona, elichichima ubisi nezinyosi, eliwudumo lwamazwe onke.


Kodwa ngathi kini: Lizakudla ilifa lelizwe labo, njalo ngizalinika lona libe ngelenu, ilizwe elichichima ubisi lezinyosi; nginguJehova uNkulunkulu wenu owanithatha ezizweni ezihlukeneyo.


Basebekhuluma kulo lonke ixuku labantwana bakoIsrayeli besithi: Ilizwe esadabula kulo ukulihlola lilizwe elihle kakhulu.


Uma uJehova ethokoza ngathi, uyakusingenisa kuleli zwe, asinike lona; izwe elichichima ubisi nezinyosi.


Kuyinto encane yini ukuthi wasikhuphula ezweni elichichima ubisi nezinyosi ukuba usibulale ehlane, uma ungazenzi ngokuphelele isikhulu phezu kwethu na?


Futhi, awusingenisanga ezweni elichichima ubisi nezinyosi, futhi awusinikanga ifa lamasimu nelezivini; nizokhipha amehlo alaba bantu na? ngeke sikhuphuke.


ukuze nandise izinsuku ezweni uJehova alithembisa oyihlo ngesifungo ukulinika bona nenzalo yabo, izwe elichichima ubisi nezinyosi.


Wasiletha kule ndawo, wasinika leli zwe, izwe elichichima ubisi nezinyosi.


Woloba kuwo onke amazwi alo mthetho, lapho usudabulile, ukuze ungene ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, izwe elichichima ubisi nezinyosi; njengokusho kukaJehova uNkulunkulu wawoyihlo kini.


Ngokuba uma ngibangenisa ezweni engalifungela oyise ngesifungo, elivame ubisi nezinyosi; bayakudla, basuthe, bakhuluphale; bese bephendukela kwabanye onkulunkulu, babakhonze, bangigcone, bephule isivumelwano Sami.


Yizwa-ke, Israyeli, uqaphele ukukwenza; ukuze kukuhambele kahle, nande, njengalokho uJehova uNkulunkulu wawoyihlo akuthembisa khona ezweni elivame ubisi nezinyosi.


Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engamashumi amane ehlane, aze abhubha onke amaqhawe aphuma eGibithe, ngokuba bengalilalelanga izwi likaJehova; uJehova afunga kubo ukuthi akayikuba nalutho. Sibabonise izwe uJehova alifungela okhokho babo ukusinika lona, izwe elichichima ubisi nezinyosi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka