Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 14:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Abantwana bakoJuda basebesiza kuJoshuwa eGiligali; uKalebi indodana kaJefune umKhenazi wathi kuye: Wena uyakwazi okwakhulunywa nguJehova kuMozisi umuntu kaNkulunkulu ngami lawe eKadeshi Barineya.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 AbakwaJuda basondela kuJoshuwa eGiligali; uKalebi indodana kaJefune, umKhenizi, wathi kuye: “Uyalazi wena izwi uJehova alikhuluma kuMose umuntu kaNkulunkulu ngami nangawe eKadeshi Barineya.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 AbakwaJuda beza kuJoshuwa eGiligali; uKhalebhu, indodana kaJefune umKhenizi, wathi kuye: “Uyakwazi uSimakade akusho ngami nawe kuMose, umuntu kaNkulunkulu, eKadeshi Bharineya.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 14:6
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bheka, kwafika umuntu kaNkulunkulu evela kwaJuda ngezwi likaJehova, weza eBethele; uJerobowamu wayemi ngase-altare enyusa impepho.


Wamlandela umuntu kaNkulunkulu, wamfumana ehlezi phansi kwesihlahla somvini, wathi kuye: “Wena ungumuntu kaNkulunkulu ovela kwaJuda na? Wathi: “Nginguye.”


Wathi: “Ngalesi sikhathi, ngokwesikhathi sokuphila, uyobe ugone umfana. Wathi: “Qha, nkosi yami, muntu kaNkulunkulu, ungaqambi amanga encekwini yakho;


Kwasekufika umuntu evela eBayelisa, walethela umuntu kaNkulunkulu isinkwa solibo, izinkwa zebhali ezingamatshumi amabili lezikhwebu ezigcwele emakhoba. Wathi: “Nika abantu ukuba badle.”


Wathi endodeni yakhe: “Bheka, ngiyabona ukuthi ngumuntu ongcwele kaNkulunkulu odlula kithi sonke isikhathi.”


Waquma ubuso bakhe waze waba namahloni; umuntu kaNkulunkulu wakhala izinyembezi.


U-Elisha wafika eDamaseku; uBehadadi inkosi yase-Aramu wayegula; watshelwa ukuthi: “Umuntu kaNkulunkulu ufikile lapha.”


NgoMose, umuntu kaNkulunkulu, amadodana akhe abizwa esizweni sakwaLevi.


Umkhuleko kaMose, umuntu kaNkulunkulu. Nkosi, wena uyisiphephelo sethu ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Ngabangenisa endlini kaJehova ekamelweni lamadodana kaHanani indodana ka-Igidaliya, umuntu kaNkulunkulu, owayesendlini yezikhulu eyayiphezu kwekamelo likaMahaseya indodana ka-Igidaliya.


Ahamba afika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi; wababikela kanye nebandla lonke, wabazisa izithelo zezwe.


UKalebi wabathulisa abantu phambi kukaMose, wathi: “Masikhuphuke masinyane, silidle; ngokuba sinamandla okukunqoba.


Owesizwe sakwaJuda, uKalebi indodana kaJefune.


Kepha inceku yami uKalebi, lokhu wayenomunye umoya, wangilandela nokungilandela, ngiyakumyisa ezweni aya kulo; nenzalo yakhe iyakulidla.


Ngokuqinisekile aniyikungena ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukuba nihlale kulo, ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.


UJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababephakathi kwabahlola izwe, baklebhula izingubo zabo.


Ngoba iNkosi yathi ngabo: Isibili bazafela enkangala. Akwasala muntu kubo, kuphela uKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.


Ngaphandle kukaKalebi, indodana kaJefune, umKhenezi, noJoshuwa indodana kaNuni, ngokuba baphikelela eNkosini.


Lesi yisibusiso uMozisi, umuntu kaNkulunkulu, abusisa ngaso abantwana bakoIsrayeli engakafi.


Kusukela ngaleso sikhathi akuvelanga mprofethi kwa-Israyeli njengoMose owamazi uJehova ubuso nobuso;


UMose inceku kaJehova wafela khona ezweni lakwaMowabi njengezwi likaJehova.


Kodwa wena muntu kaNkulunkulu, zibaleke lezizinto; futhi ulandele ukulunga, ukwesaba uNkulunkulu, ukholo, uthando, ukubekezela, ubumnene.


ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.


UJoshuwa wabuyela ekamu laseGiligali, nawo wonke u-Israyeli enaye.


Ngakho iHebroni laba yifa likaKalebi indodana kaJefune, umKhenazi, kuze kube namuhla, ngokuba wamlandela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngokupheleleyo.


U-Otheniyeli indodana kaKenazi, umfowabo kaKalebi, walithatha, wamnika u-Asa indodakazi yakhe, ibe ngumkakhe.


Abantu basuka eJordani ngolweshumi lwenyanga yokuqala bamisa inkamba eGiligali emngceleni osempumalanga yeJeriko.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka