Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 13:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 UMose wabathuma besuka ehlane lasePharanu ngesiyalezo sikaJehova; wonke lawo madoda ayezinhloko zabantwana bakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UMose wabathuma-ke besuka ehlane lasePharanu ngesiyalezo sikaJehova; bonke babo babe ngabantu abayizinhloko zabantwana bakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 UMose wawathuma amadodana esuka ehlane iPharanu ngesiyalezo sikaSimakade. Wonke lawo madoda ayeyizinhloko zabantu bakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 13:3
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abantwana bakwa-Israyeli baphuma ehlane laseSinayi; ifu lahlala ehlane lasePharanu.


Ngemva kwalokho abantu basuka eHazerothi bamisa inkamba enkangala yePharanu.


Thumani amadoda enu ukuze ahlole ilizwe laseKhanani engilinika abantwana bakoIsrayeli; kuzo zonke izizwe zoyise wothuma indoda ibe nye, kube yilowo nalowo abe yisikhulu phakathi kwabo.


Ahamba afika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi; wababikela kanye nebandla lonke, wabazisa izithelo zezwe.


Lawa angamagama abo: esizweni sakwaRubeni: nguShamuwa indodana kaSakuri.


Yilokho oyihlo abakwenzayo lapho ngibathuma besuka eKadeshi-Barineya ukuba babone izwe.


Lawa angamagama amadoda ayakuhlukanisela izwe phakathi kwenu: u-Eleyazare umpristi noJoshuwa indodana kaNuni.


Sasuka eHorebe, sadabula lonke ihlane elikhulu nelesabekayo enalibonayo endleleni yasentabeni yama-Amori, njengalokho uJehova uNkulunkulu wethu wasiyala; safika eKadeshi Barineya.


Lalunga-ke leli zwi kimi; ngathatha kini amadoda ayishumi nambili, yanye esizweni.


Ngokunjalo lapho uJehova enithuma nisuka eKadeshi-Barineya ukuthi: ‘Khuphukani nilidle izwe engininike lona; nahlubuka emyalezweni kaJehova uNkulunkulu wenu, anikholwanga nguye, anililalelanga izwi lakhe.


Wafa uSamuweli; bonke abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bamlilela, bammbela endlini yakhe eRama. UDavide waqeda, wehlela ehlane lasePharanu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka