Bhekani ukuthi u-Abrahama uyakuba yisizwe esikhulu nesinamandla, nezizwe zonke zomhlaba ziyobusiswa ngaye?
Johane 15:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Aningikhethanga mina, kodwa mina nginikhethile, nganimisela ukuba nihambe, nithele isithelo, nesithelo senu sihlale, ukuze noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Aningikhethanga nina, kodwa mina nginikhethile nina, nganibeka ukuba niphume, nithele izithelo, nezithelo zenu zihlale ukuba noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona. IsiZulu 2020 Aningikhethanga nina, kodwa yiMina enginikhethile, ukuba nihambe, nithele izithelo; nezithelo zenu zihlale, ukuze kuthi noma yini eniyakuyicela kuBaba egameni lami, aninike yona. Baasraak Zulu New Testament Bible Aningikhethanga mina, kodwa mina nginikhethile, nganimisela ukuba nihambe, nithele isithelo, nesithelo senu sihlale, ukuze noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona. |
Bhekani ukuthi u-Abrahama uyakuba yisizwe esikhulu nesinamandla, nezizwe zonke zomhlaba ziyobusiswa ngaye?
Isizukulwane siyakuncoma kwesinye isenzo sakho, simemezele izenzo zakho zamandla.
Manje noma sengimdala futhi ngimpunga, O Nkulunkulu, ungangishiyi; ngize ngiwazise amandla akho kulesi sizukulwane namandla akho kubo bonke abezayo.
Uzakwenza labo abavela kuJakhobe bamile izimpande: uIsrayeli uzaqhakaza, ahlume, agcwalise ubuso bomhlaba ngesithelo.
Insali kaJakobe iyakuba phakathi kwezizwe eziningi njengamazolo avela kuJehova, njengezihlambi etshanini, engalinde muntu, engalindeli abantwana babantu.
Kwathi sekusile, wabizela kuye abafundi bakhe, wakhetha kubo abayishumi nambili, wabaqamba futhi ngokuthi abaphostoli;
Kangikhulumi ngani lonke; ngiyabazi engibakhethileyo, kodwa ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: Odla isinkwa lami ungiphakamisele isithende sakhe.
Uma beningabezwe, izwe belizothanda okwalo, kepha ngokuba ningesibo abezwe, kodwa nganikhetha mina ezweni, ngalokho izwe liyanizonda.
Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho.
Basebekhuleka bathi: Wena Nkosi, owazi izinhliziyo zabantu bonke, tshengisa ukuthi kulaba ababili omkhethileyo.
Kepha nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya, kuze kube sekugcineni komhlaba.
Hhayi kubantu bonke, kodwa kubofakazi abakhethwe ngaphambili nguNkulunkulu, kithina esadla, saphuza naye emva kokuvuka kwakhe kwabafileyo.
Wathi: “UNkulunkulu wawobaba ukukhethile ukuba wazi intando yakhe, umbone oLungileyo, uzwe izwi lomlomo wakhe.
Kepha angithandi ukuba ningazi, bazalwane, ukuthi ngazimisela kaningi ukuza kini, ngavinjwa kuze kube manje, ukuze ngibe nesithelo naphakathi kwenu, nanjengakwabanye abezizwe.
esamukele ngaye umusa nobuphostoli, kube ngukulalela ekukholweni phakathi kwezizwe zonke ngenxa yegama lakhe;
Ngoba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela langenduduzo yemibhalo sibe lethemba.
Umbumbi akanalo yini igunya phezu kobumba ukuba ngenhlama efanayo enze isitsha esihloniphekayo nesinye esingahloniphekiyo na?
Kepha zonke lezo zinto zabehlela bona kube yizibonelo, kulotshiwe ukuba kube yisiyalo sethu, esesifikelwe ukuphela kwezwe.
Kodwa kwathi kukuhle kuNkulunkulu, owangahlukanisa kwasesiswini sikamame, wangibiza ngomusa wakhe;
Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle uNkulunkulu ayimisela ngaphambili ukuba sihambe kuyo.
Uma nihlala ekukholweni nisekelwe niqinile, ningasuswa ethembeni levangeli enalizwa, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu; mina Pawulu ngenziwa isikhonzi sakho;
elifikile kini, njengasezweni lonke; lithela isithelo, njengalokhu lisenza lakini, kusukela osukwini elakuzwa ngalo, lawazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso;
Engamiselwa ngakho ukuthi ngibe ngumshumayeli nomphostoli (ngikhuluma iqiniso ngoKristu, angiqambi amanga), umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.
Lokho okuzwileyo kimi phambi kofakazi abanengi, lokho kubeke ebantwini abathembekileyo abazakuba lamandla okufundisa labanye.
Ngenxa yalokhu ngakutshiya eKrethe, ukuze ulungise okusilelayo, njalo umise abadala emizini yonke, njengokukulaya kwami;
Ngokukholwa u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunokaKayini, afumana ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu efakaza ngezipho zakhe;
Kodwa ngcwelisani iNkosi uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu, njalo lilungele ukuphendula wonke umuntu olibuza ngesizatho sethemba elikini, ngobumnene langokwesaba;
Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kodwa ukuthi yena wasithanda, wathuma iNdodana yakhe ibe yinhlawulo ngezono zethu.