Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 9:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kodwa iNkosi yathi kuye: Hamba;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 INkosi yayisithi kuye: “Hamba, ngokuba lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, namakhosi, nabantwana bakwa-Israyeli,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

15 Kepha iNkosi yathi kuye: “Hamba, ngokuba lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, emakhosini, nakubantu bakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Kodwa iNkosi yathi kuye: Hamba;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 9:15
38 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngingakakubumbi esizalweni, ngakwazi; ungakaphumi esizalweni, ngakungcwelisa, ngakubeka umprofethi ezizweni.


Kodwa uJehova wathi kimi: Ungatsho ukuthi: Ngingumntwana, ngoba kumele uye kukho konke engikuthuma khona, lakho konke engikuyala ngakho, uzakukhuluma.


Niyakuyiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe.


Aningikhethanga mina, kodwa mina nginikhethile, nganimisela ukuba nihambe, nithele isithelo, nesithelo senu sihlale, ukuze noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.


Kwathi bekhonza iNkosi, bezila ukudla, uMoya oNgcwele wathi: Ngahlukaniseleni oBarnaba noSawulu emsebenzini engibabizele wona.


Wababingelela, wabalandisa ngazo zonke izinto uNkulunkulu abezenzile phakathi kwabezizwe ngenkonzo yakhe.


Wathi: “UNkulunkulu wawobaba ukukhethile ukuba wazi intando yakhe, umbone oLungileyo, uzwe izwi lomlomo wakhe.


Yathi kimi: ‘Hamba, ngokuba mina ngiyakukuthuma kude kwabezizwe.


U-Agripha wayesethi kuFestu: “Nami ngiyathanda ukumuzwa lowo muntu; Wathi, kusasa nizamuzwa.


U-Agripha wayesethi kuPawulu: “Uvunyelwe ukuzikhulumela. UPawuli waseselula isandla, waziphendulela;


U-Agripha wayesethi kuFestu: “Lo ngabe ukhululiwe, uba ubengalidluliselanga kuKesari.


Isithi: Ungesabi, Pawuli; umelwe ukumiswa phambi kukaKesari; bheka, uNkulunkulu ukunikile bonke abahamba nawe ngomkhumbi.


Kwathi emva kwezinsuku ezintathu uPawuli wabizela ndawonye izikhulu zabaJuda; nokho nganikelwa eJerusalema ngiyisiboshwa ezandleni zamaRoma.


Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi usindiso lukaNkulunkulu luthunyelwa kwabezizwe, futhi bayakuzwa.


UPawulu, inceku kaJesu Kristu, owabizelwa ukuba ngumphostoli, owahlukaniselwa ivangeli likaNkulunkulu,


esamukele ngaye umusa nobuphostoli, kube ngukulalela ekukholweni phakathi kwezizwe zonke ngenxa yegama lakhe;


Ngokuba ngikhuluma kini nina bezizwe, lokhu ngingumphostoli wabezizwe, ngiphakamisa isikhundla sami;


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize; kodwa ngisebenze kakhulu kakhulu kunabo bonke;


Ngokuba noma ngishumayela ivangeli, anginakuzibonga, ngokuba kube yimpoqo phezu kwami; yebo, maye kimi uma ngingalishumayeli ivangeli!


UPawuli umphostoli, ongaveli ebantwini, kungengomuntu, kodwa ngoJesu Kristu, loNkulunkulu uYise owamvusa kwabafileyo;


Ngenxa yalokhu mina Pawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu ngenxa yenu bezizwe,


Engamiselwa ngakho ukuthi ngibe ngumshumayeli nomphostoli (ngikhuluma iqiniso ngoKristu, angiqambi amanga), umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.


engamiselwa ukuthi ngibe ngumshumayeli, nomphostoli, nomfundisi wabezizwe.


Akakho osempini ozifaka ezindabeni zalokhu kuphila; ukuze amthokozise omkhethileyo ukuba yisosha.


Laba bayakulwa neWundlu, kepha iWundlu liyakubanqoba, ngokuba liyiNkosi yamakhosi, neNkosi yamakhosi;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka