Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 9:15 - IsiZulu 2020

15 Kepha iNkosi yathi kuye: “Hamba, ngokuba lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, emakhosini, nakubantu bakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 INkosi yayisithi kuye: “Hamba, ngokuba lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, namakhosi, nabantwana bakwa-Israyeli,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Kodwa iNkosi yathi kuye: Hamba;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kodwa iNkosi yathi kuye: Hamba;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 9:15
38 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi, ungakaphumi esibelethweni ngakungcwelisa, ngakuqoka ukuba ube ngumphrofethi ezizweni.”


Kepha uSimakade wathi kimi: “Ungathi kimi ungumfanyana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, futhi uyakukhuluma konke engikuyala ngakho.


Niyakuyiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe.


Aningikhethanga nina, kodwa yiMina enginikhethile, ukuba nihambe, nithele izithelo; nezithelo zenu zihlale, ukuze kuthi noma yini eniyakuyicela kuBaba egameni lami, aninike yona.


Kwathi bekhonza iNkosi, bezila ukudla, uMoya oNgcwele wathi: “Ngahlukaniseleni uBharnabha noSawula ukuba baye emsebenzini engibabizele wona.”


UPawula esewabingelele, wawalandisa ngakho konke, ngakunye ngakunye, uNkulunkulu ayekwenze kwabezizwe ngenkonzo yakhe.


“Wayesethi: ‘UNkulunkulu wokhokho wakumisela phambilini ukuba uyazi intando yakhe, nokumbona oLungileyo, nokulizwa izwi eliphuma emlonyeni wakhe.


“Wathi kimi: ‘Hamba, ngokuba ngizakukuthuma kwabezizwe.’ ”


U-Agripha wathi kuFestu; “Nami ngiyathanda ukumuzwa lo muntu.” Wathi: “Uzomuzwa kusasa.”


U-Agripha wayesethi kuPawula: “Uvumelekile ukuba uzikhulumele.” UPawula wayesephakamisa isandla sakhe, waziphendulela wathi:


Kepha u-Agripha wathi kuFestu: “Lo muntu ngabe simkhululile ukuba icala akaledluliselanga kuKhesari.”


yathi: ‘Ungesabi, Pawula, kumele ukuba ume phambi kukaKhesari. UNkulunkulu ukuphile bonke abahamba nawe kulo mkhumbi.’


Kwathi sekwedlule izinsuku ezintathu, wabiza labo abadumile babaJuda ukuba beze kuye. Sebebuthene, wathi kubo: “Madoda, bazalwane, nakuba mina kungekho lutho oluphambene nesizwe namasiko okhokho engilwenzileyo, nokho ngisuswe eJerusalema ngiboshiwe, nganikelwa ezandleni zamaRoma.


“Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi le nsindiso kaNkulunkulu ithunyelwe kwabezizwe; bona-ke bayakulalela.”


UPawula, inceku kaKhristu uJesu, obiziwe ukuba ngumphostoli nowehlukaniselwe ivangeli likaNkulunkulu,


okungaye samukela umusa nobuphostoli ukuze kube khona ukulalela kokukholwa ezizweni zonke ngenxa yegama lakhe,


Ngikhuluma kini nina bezizwe, njengokuba ngingumphostoli kwabezizwe, ngidumisa umsebenzi wami,


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, futhi umusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kodwa kungesimina, kepha kungumusa kaNkulunkulu okimi.


Ngokuba uma ngishumayela ivangeli, lokho akuyona into engingazikhukhumeza ngayo, ngokuba ngimele ukuba ngenze kanjalo. Maye, kimina uma ngingalishumayeli ivangeli!


UPawula, umphostoli ongaveli kubantu noma ngomuntu, kodwa ngoJesu Khristu noNkulunkulu uYise, Yena owavusa uJesu kwabafileyo,


Ngenxa yalokho, mina Pawula ngiyisiboshwa sikaKhristu uJesu ngenxa yenu, nina bezizwe.


Ngamiselwa mina ukuba ngibe ngummemezeli nomphostoli walokho; ngikhuluma iqiniso, angisengi ezimithiyo; yebo, umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.


Ngamiselwa lona ukuba ngibe ngummemezeli, umphostoli, nomfundisi,


Akekho othi esebenza njengebutho alibale yiminako yalokhu kuphila, kodwa ulwela ukuthokozisa lowo ombuthileyo.


Ayakulwa neWundlu; iWundlu liwanqobe, ngokuba liyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi, likanye nabanalo ababiziweyo balo, abakhethiweyo nabathembekileyo.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka