Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




KwabaseRoma 1:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 esamukele ngaye umusa nobuphostoli, kube ngukulalela ekukholweni phakathi kwezizwe zonke ngenxa yegama lakhe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 esamukela ngaye umusa nobuphostoli kube ngukulalela kokukholwa ezizweni zonke ngenxa yegama lakhe,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 okungaye samukela umusa nobuphostoli ukuze kube khona ukulalela kokukholwa ezizweni zonke ngenxa yegama lakhe,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 esamukele ngaye umusa nobuphostoli, kube ngukulalela ekukholweni phakathi kwezizwe zonke ngenxa yegama lakhe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KwabaseRoma 1:5
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngoba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekutshoneni kwalo ibizo lami lizakuba likhulu phakathi kwezizwe; nasezindaweni zonke kuyoshiselwa igama lami umnikelo ohlanzekile, ngokuba igama lami liyakuba likhulu phakathi kwezizwe,” usho uJehova Sebawoti.


Kepha makaqalekiswe umkhohlisi oneduna emhlambini wakhe, enze isithembiso, anikele ngokonakala kuJehova; ngokuba mina ngiyinkosi enkulu,” usho uJehova Sebawoti, negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe.


Ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa.


Ukuze athathe ingxenye yalenkonzo lobupostoli, uJudasi aphambuka kukho, ukuze aye endaweni yakhe.


USimeyoni usilandisile ukuthi uNkulunkulu wabahambela kanjani abezizwe ekuqaleni ukuze athathe kubo abantu begama lakhe.


Lelizwi likaNkulunkulu landa; isibalo sabafundi sanda kakhulu eJerusalema; nesixuku esikhulu sabapristi salalela ukholo.


Kodwa iNkosi yathi kuye: Hamba;


Ngoba ngomusa engiwuphiweyo, ngithi kuwo wonke umuntu ophakathi kwenu ukuthi angazicabangeli ngaphezu kwalokho afanele ukukucabanga; kodwa acabange ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele yilowo nalowo isilinganiso sokukholwa.


Kodwa khathesi isibonakalisiwe, langemibhalo yabaprofethi, ngokomlayo kaNkulunkulu ophakade wenziwe waziwa ezizweni zonke ukuze balalele ngokukholwa;


Kambe unguNkulunkulu wabaJuda kuphela? Akasiye yini nowabezizwe? Yebo, nakwabezizwe:


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize; kodwa ngisebenze kakhulu kakhulu kunabo bonke;


Uma ngingesiye umphostoli kwabanye, nokho kinina nginguye, ngokuba uphawu lobuphostoli bami eNkosini yinina.


ukuze sibe ludumo lwenkazimulo yakhe, thina esathemba kuqala kuKristu.


kube yinkazimulo yenkazimulo yomusa wakhe asenze ngawo umusa ngothandiweyo.


futhi esephelelisiwe, waba yinhloko yensindiso ephakade kubo bonke abamlalelayo;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka