Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 1:24 - Contemporary Zulu Bible 2024

24 Basebekhuleka bathi: Wena Nkosi, owazi izinhliziyo zabantu bonke, tshengisa ukuthi kulaba ababili omkhethileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Base bekhuleka bethi: “Wena Nkosi, owazi izinhliziyo zabantu bonke, ake ukhombe omunye kulaba ababili omkhethileyo

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

24 Base bekhuleka bethi: “Wena Nkosi, wazi izinhliziyo zabantu bonke, sikhombise ukuthi ngubani omkhethileyo kulaba ababili,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Basebekhuleka bathi: Wena Nkosi, owazi izinhliziyo zabantu bonke, tshengisa ukuthi kulaba ababili omkhethileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 1:24
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yizwa-ke usezulwini, lapho uhlala khona, uthethelele, wenze, unike yilowo nalowo njengezindlela zakhe owazi inhliziyo yakhe; (ngoba nguwe wedwa owazi izinhliziyo zabantwana babantu;)


Wena-ke, ndodana yami, Solomoni, yazi wena uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo langengqondo evumayo; ngokuba uJehova uhlola zonke izinhliziyo, uqonda yonke imicabango yemicabango; uma nimfuna, niyotholwa; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade.


Ngiyazi futhi, Nkulunkulu wami, ukuthi uhlola inhliziyo futhi ujabulela ubuqotho. Mina-ke, ngobuqotho benhliziyo yami nganikela ngokuzithandela zonke lezi zinto; manje ngibonile ngokuthokoza abantu bakho abakhona lapha, bevuma ukuhlabela kuwe.


UNkulunkulu ngeke yini alihlole? ngoba yena uyazazi izimfihlo zenhliziyo.


Ububi bababi mabuphele; kodwa uqinise abalungileyo, ngokuba uNkulunkulu olungileyo uhlola izinhliziyo nezinso.


Indawo yabafileyo nencithakalo kuphambi kukaJehova; kakhulu kangakanani kunezinhliziyo zabantwana babantu?


Kepha, Jehova Sebawoti, owahlulela ngokulunga, ohlola izinso nenhliziyo, mangibone impindiselo yakho kubo, ngokuba ngimazisile wena icala lami.


Mina, Jehova, ngihlola inhliziyo, ngivivinya izinso, ukuze nginike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengokwezithelo zezenzo zakhe.


Kepha, Jehova Sebawoti, ovivinya olungileyo nobona izinso nenhliziyo, mangibone impindiselo yakho kubo, ngokuba ngikuvulele icala lami.


INkosi, uNkulunkulu wemimoya yenyama yonke, mayimise indoda phezu kwebandla,


Wathi kubo: “Nina ningabazishaya abalungileyo phambi kwabantu; kepha uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okuphakeme phakathi kwabantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu.


Wathi kuye ngokwesithathu: Simoni kaJona, uyangithanda na? UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: Uyangithanda na? Wathi kuye: “Nkosi, wazi zonke izinto wena; uyazi ukuthi ngiyakuthanda. UJesu wathi kuye: Dlisa izimvu zami.


Sebebamisele abadala ebandleni ngebandla, bakhuleka nokuzila ukudla, babanikela eNkosini abakholwa yiyo.


NoNkulunkulu owazi izinhliziyo wabafakazela, ebapha uMoya oNgcwele, njengalokho enzile nakithi;


ababeka phambi kwabaphostoli; sebekhulekile babeka izandla phezu kwabo.


Kepha yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba ukhulumela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu.


Asikho isidalwa esingabonakali phambi kwakhe, kepha zonke izinto zíze, zivuliwe emehlweni alowo esizinda kuye.


Njalo ngizabulala abantwana bakhe ngokufa; namabandla onke ayakwazi ukuthi mina nginguye ohlola izinso nezinhliziyo;


USawuli wasesithi eNkosini uNkulunkulu kaIsrayeli: Yenza inkatho epheleleyo. OSawule noJonathani baboshwa, kepha amadoda abaleka.


Kodwa uJehova wathi kuSamuweli: “Ungabheki ubuso bakhe nobude bomzimba wakhe; ngoba ngimalile; ngoba uJehova akaboni njengoba umuntu ebona; ngokuba umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka