Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 26:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Angikudlanga ekulileni kwami, angisusanga lutho ngingcolile, anginikelanga ngakho kofileyo; ngilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wami, ngenzile njengakho konke ongiyale ngakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

14 Angikudlanga okweshumi ekulileni kwami, angisusanga lutho kukho ngingcolile, anginikelanga ngakho kofileyo; ngilalele izwi likaSimakade uNkulunkulu wami, ngikwenze konke njengalokhu ungiyalile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Angizange ngidle kukho ekulileni kwami, futhi angithathanga kukho kukho nganoma iyiphi indlela engcolile, futhi angizange nginikeze okunye kwakho kwabafileyo; kepha ngalilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wami, ngenza njengakho konke owangiyala ngakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 26:14
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bazihlanganisa noBali Peyori, badla okuhlatshelwe abafileyo.


Ngokuba yonke imithetho yakhe yayiphambi kwami, nezimiso zakhe angivumanga ukuba zisuke kimi.


abayikubahlephulela isinkwa sokulila ukuba babaduduze ngabafileyo, bangabaphuzisi indebe yokududuza ngoyise nangonina.


Bubula, uthule; ungenzi isililo sabafileyo, uzibophele isigqoko sakho, ufake izicathulo zakho ezinyaweni zakho, ungambozi amadevu akho, ungadli isinkwa sabantu.”


Abayikuthululela uJehova iwayini; imihlatshelo yabo ayiyikuba mihle kuye, isinkwa sabo sibe njengesinkwa sabalilayo; bonke abasidlayo bayakungcola, ngokuba isinkwa sabo siyakuba ngesephango, singangeni endlini kaJehova.


UJehova wathi kuMose: “Khuluma kubapristi, amadodana ka-Aroni, uthi kubo: ‘Makungabikho ozingcolisayo ngofileyo phakathi kwabantu bakubo,


angangeni nakumuphi umuntu ofileyo, angazingcolisi ngoyise noma ngonina,


Kodwa umuntu oyidla inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula engekaJehova esenakho ukungcola kwakhe, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.


“Ngokwesibili niyakwenza nalokhu: nisibekela i-altare likaJehova ngezinyembezi, nangokukhala, nangokububula, angabe esayinakekela iminikelo, ingabe isamukeleka esandleni senu.


Lowo mprofethi noma lowo mphuphi wamaphupho wobulawa, ngokuba ukhulumile okunihlubukisa uJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe, wakuhlenga endlini yobugqila, ukuba akuphambukise endleleni uJehova uNkulunkulu wakho akuyala ukuba uhambe ngayo. Uyakukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.


uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho kuphela, ugcine ukwenza yonke le miyalo engikuyala ngayo namuhla.


wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi ophakathi kwamasango akho, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwakho endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.


uyakuthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho: ‘Ngikhiphile izinto ezingcwele endlini yami, ngamnika zona uLevi, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi njengayo yonke imiyalo ongiyale ngayo; angiweqanga nowodwa wemiyalo yakho, futhi angiyikhohlwanga.


Bheka phansi usezindlini zakho ezingcwele ezulwini, ubusise abantu bakho u-Israyeli nomhlaba osinike wona njengokufunga kwakho kobaba, izwe elivame ubisi nezinyosi.’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka