Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 26:14 - IsiZulu 2020

14 Angikudlanga okweshumi ekulileni kwami, angisusanga lutho kukho ngingcolile, anginikelanga ngakho kofileyo; ngilalele izwi likaSimakade uNkulunkulu wami, ngikwenze konke njengalokhu ungiyalile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Angikudlanga ekulileni kwami, angisusanga lutho ngingcolile, anginikelanga ngakho kofileyo; ngilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wami, ngenzile njengakho konke ongiyale ngakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Angizange ngidle kukho ekulileni kwami, futhi angithathanga kukho kukho nganoma iyiphi indlela engcolile, futhi angizange nginikeze okunye kwakho kwabafileyo; kepha ngalilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wami, ngenza njengakho konke owangiyala ngakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 26:14
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bazihlanganisa noBhali Pheyori, badla okuhlatshelwe abafileyo.


Ngigcina yonke imithetho yakhe, futhi izimiso zakhe angizishayi indiva.


akuyukuba khona obahlephulela isinkwa sokulila ukuba abaduduze ngabafileyo, abayukuphuziswa endebeni yokududuza ngoyise nangonina.


Bubula buthule; ungamlileli ofileyo, uzibophele umshuqulu wakho, ufake izimbadada zakho ezinyaweni, ungawambozi amadevu akho, ungakudli ukudla okulethwe ngabantu abalilayo.”


Abayukumthungela uSimakade iwayini, nemihlatshelo yabo ayiyukuba yintokozo kuye, isinkwa sabo siyakuba njengesinkwa sokulila kubo, kuthi bonke abasidlayo bazingcolise bona. Ngokuba isinkwa sabo singesephango labo, asiyukungena endlini kaSimakade.


USimakade wathi kuMose: “Yisho kubaphristi, amadodana ka-Aroni, uthi kubo: ‘Makungabi bikho oyozingcolisa ngokuthinta ofileyo kubantu bakubo,


akayukungena lapho kunofileyo khona, akayukuzingcolisa ngisho nangoyise noma unina imbala.


Kepha oyokudla inyama yomhlatshelo wokuthula kaSimakade esangcolile uyonqunywa.


“Okunye enikwenzayo futhi yilokhu: nilithela ngezinyembezi i-althare likaSimakade, nikhala, nibubula, ngoba engasayinakile iminikelo yenu, futhi engayamukeli ngokuthokoza esandleni senu.


Lowo mphrofethi noma lowo mphuphi wamaphupho uyobulawa, ngokuba ukhulume okunihlubukisa kuSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe. Ngokuba nahlengwa endlini yobugqila, ukuba ningaphambukiswa endleleni uSimakade uNkulunkulu wenu aniyala ukuba nihambe ngayo. Niyobususa lobo bubi phakathi kwenu.


uma nililalela ngempela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, niyigcina yonke le miyalo enginiyala ngayo namuhla.


Uyokwenama phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, umLevi ohlala emzini wakho, umfokazi, intandane, nomfelokazi ohlala phakathi kwenu, uyokwenza lokhu endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale khona.


uyothi phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho: ‘Ngikhiphile izinto ezingcwele endlini yami, ngazinika umLevi, umfokazi, intandane, nomfelokazi; njengoba ungiyalile ngemiyalo yonke ongiyale ngayo; angiweqanga namunye wemiyalo yakho, futhi angiyikhohlwanga.


Bheka phansi usendaweni yobungcwele bakho emazulwini, ubusise abantu bakho u-Israyeli nomhlaba osinike wona njengokufunga kwakho kokhokho, izwe elichichima ubisi noju.’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka