Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 26:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 uyakuthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho: ‘Ngikhiphile izinto ezingcwele endlini yami, ngamnika zona uLevi, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi njengayo yonke imiyalo ongiyale ngayo; angiweqanga nowodwa wemiyalo yakho, futhi angiyikhohlwanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

13 uyothi phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho: ‘Ngikhiphile izinto ezingcwele endlini yami, ngazinika umLevi, umfokazi, intandane, nomfelokazi; njengoba ungiyalile ngemiyalo yonke ongiyale ngayo; angiweqanga namunye wemiyalo yakho, futhi angiyikhohlwanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Uzakuthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho: Ngikhiphile izipho ezingcwele endlini yami, ngazinika umLevi, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi, njengayo yonke imiyalo yakho ongiyale ngayo. Angiyeqanga imiyalo yakho, futhi angiyikhohlwa;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 26:13
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ukushisekela kwami kungidlile, ngokuba izitha zami zikhohliwe amazwi akho.


Ngimncane, ngidelelekile; iziyalezo zakho angizikhohlwa.


Bheka ukuhlupheka kwami, ungikhulule, ngokuba angikhohlwa umthetho wakho.


Ngiyaduka njengemvu elahlekileyo; funa inceku yakho, ngokuba angikhohlwa imiyalo yakho.


Angiyikukhohlwa kuze kube phakade iziyalezo zakho, ngokuba ungiphilisile ngazo.


Ngiyahlamba izandla zami ngingenacala, ngizungeza i-altare lakho, Jehova,


Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami,


Kulokhu nami ngiyazama ukuba njalo ngibe nonembeza ongenacala phambi kukaNkulunkulu nabantu.


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu, okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sahamba ezweni kakhulu maqondana nani ngobungcwele nangobuqotho bukaNkulunkulu, kungengokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


UNkulunkulu noYise weNkosi uJesu, obongekayo phakade naphakade, uyazi ukuthi angiqambi amanga.


nomLevi, lokhu engenasabelo nafa nawe, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi, abangaphakathi kwamasango akho, bayakuza, badle, basuthe ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise emsebenzini wonke wesandla sakho owenzayo.


“Lapho uqedile ukuthatha okweshumi kwezithelo zakho ngomnyaka wesithathu ongumnyaka wokweshumi, usumnike uLevi khona, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi ukuba badle phakathi kwamasango akho, basuthe,


Angikudlanga ekulileni kwami, angisusanga lutho ngingcolile, anginikelanga ngakho kofileyo; ngilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wami, ngenzile njengakho konke ongiyale ngakho.


Nina ningofakazi, naye uNkulunkulu, bokuthi sahlala kanjani phakathi kwenu nina enikholwayo ngobungcwele, nangokulunga, nangokungasoleki,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka