Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 31:54 - IsiZulu 2020

54 UMose no-Eleyazare, umphristi, bemukela igolide elalivela ezinduneni zezinkulungwane nakwezamakhulu, baliletha ethendeni lokuhlangana, laba yisikhumbuzo sabantu bakwa-Israyeli phambi kukaSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

54 OMose no-Eleyazare umpristi bamukela igolide kuzo izinduna zezinkulungwane nakwezamakhulu, baliletha etendeni lokuhlangana, laba yisikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli phambi kukaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

54 OMose no-Eleyazare umpristi bathatha igolide lezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, balingenisa etendeni lokuhlangana ukuba bakhumbule abantwana bakwa-Israyeli phambi kukaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 31:54
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ka-Abhishuwa, kaFinehasi, ka-Eleyazari, ka-Aroni, umphristi omkhulu,


Ayingabi kithina Simakade, ayingabi kithina, kodwa yinike igama lakho inkazimulo, ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho.


Bayakugubha umkhosi bekhumbula ubuhle bakho obukhulu, bahube ngokulunga kwakho.


Ngakho-ke ngiyakumbonga phakathi kwezizwe; Simakade, ngiyakulihubela igama lakho.


Uyowabeka lawa matshe ezizibeni zengubo yamahlombe njengesikhumbuzo samadodana ka-Israyeli, bese u-Aroni awembathe amagama abo emahlombe akhe phambi kukaSimakade kube yisikhumbuzo.


Uyothatha imali yenhlawulo kubantu bakwa-Israyeli uyisebenzisele izinkonzo ethendeni lokuhlangana. Iyokuba yisikhumbuzo sesihlengo esenziwa ngenxa yempilo yabo phambi kukaSimakade, kubantu bakwa-Israyeli.”


Umqhele uyakuba ngokaHelemi, uThobiya, uJedaya, uHeni, indodana kaZefaniya, kube yisikhumbuzo ethempelini likaSimakade.


zaba yisikhumbuzo kubantu bakwa-Israyeli, ukuze kungabi bikho mfokazi ongesiye owozalo luka-Aroni oyakulokotha asondele ashise impepho phambi kukaSimakade; ukuze angabi njengoKhora neviyo lakhe, njengalokhu uSimakade akhuluma kuye ngoMose.


Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika sona, ethi: “Lokhu kungumzimba wami onikelelwe nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.”


Wayigqolozela enovalo, wathi: “Kwenzenjani, Nkosi na?” Yathi kuye: “Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kwenyukile, kwaba yisikhumbuzo phambi kukaNkulunkulu.


nithi kuzo: ‘Amanzi omfula iJordani anqamuka phambi komphongolo wesivumelwano sikaSimakade lapho kuwela umphongolo eJordani; lawa matshe ayisikhumbuzo kubantu bakwa-Israyeli kuze kube phakade.’ ”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka