Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 31:54 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

54 OMose no-Eleyazare umpristi bamukela igolide kuzo izinduna zezinkulungwane nakwezamakhulu, baliletha etendeni lokuhlangana, laba yisikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli phambi kukaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

54 UMose no-Eleyazare, umphristi, bemukela igolide elalivela ezinduneni zezinkulungwane nakwezamakhulu, baliletha ethendeni lokuhlangana, laba yisikhumbuzo sabantu bakwa-Israyeli phambi kukaSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

54 OMose no-Eleyazare umpristi bathatha igolide lezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, balingenisa etendeni lokuhlangana ukuba bakhumbule abantwana bakwa-Israyeli phambi kukaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 31:54
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ka-Abishuwa kaFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umpristi omkhulu,


Ungasiphi thina, Jehova, ungasiphi thina, kepha uliphe igama lakho inkazimulo ngenxa yomusa wakho nangenxa yeqiniso lakho.


Bayakweneka kakhulu inkumbulo yobuhle bakho obukhulu, bahube ngokulunga kwakho.


Ngalokho-ke ngizakukubonga phakathi kwabezizwe, Jehova, ngilihubele igama lakho.


Wobeka amatshe omabili ezizibeni zombili zengubo yamahlombe, abe ngamatshe esikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli; u-Aroni uyakuphatha amagama abo emahlombe akhe omabili phambi kukaJehova kube yisikhumbuzo.


Wothabatha imali yokubuyisana kubantwana bakwa-Israyeli, uyimisele inkonzo yetende lokuhlangana, ibe yisikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli phambi kukaJehova, ukuba kwenzelwe ukubuyisana kwemiphefumulo yenu.”


Imiqhele iyakuba yisikhumbuzo sikaHelemi, nesikaThobiya, nesikaJedaya, nesikaHeni, indodana kaZefaniya, ethempelini likaJehova.


ibe yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli, ukuze umfokazi ongesiye owenzalo ka-Aroni angasondeli ukushisa impepho phambi kukaJehova, angabi njengoKora neviyo lakhe, njengalokho uJehova wakhuluma kuye ngesandla sikaMose.


Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika, wathi: “Lokhu kungumzimba wami onikelwa nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.”


Wayigqolozela enokwesaba, wathi: “Kwenze njani, Nkosi?” Yathi kuye: “Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kwenyukile kwaba yisikhumbuzo emehlweni kaNkulunkulu.


anothi kubo: ‘Kungokuba amanzi aseJordani enqamuka phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova; ekuweleni kwawo iJordani amanzi aseJordani anqamuka; lawa matshe ayakuba yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade.’ ”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka