Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 32:1 - IsiZulu 2020

1 Abozalo lukaRubeni nabolukaGadi babenemfuyo eningi kakhulu. Lapho bebona ukuthi izwe lakwaJazeri nelakwaGileyadi liyindawo enhle emfuyweni yabo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi babenemfuyo eningi, nalapho belibona izwe laseJazeri nezwe lakwaGileyadi ukuthi leyo ndawo iyindawo yezinkomo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi babenezinkomo eziningi kakhulu; lapho bebona izwe laseJazeri nezwe lakwaGileyadi, indawo leyo yayiyindawo yezinkomo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 32:1
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngaleso sikhathi u-Abhrama wayesecebe kakhulu, enemfuyo, nesiliva negolide.


ULothi owayehambe no-Abhrama, naye wayesenezimvu, izimbuzi, izinkomo namathende.


ULeya wakhulelwa, wazibula ngendodana, wayiqamba igama wathi nguRubeni, ngokuba wathi: “Kungoba uSimakade ulubonile usizi lwami. Impela umyeni wami usezongithanda manje.”


Baqhubeka bathi kuFaro: “Size ukuzogogobala kuleli lizwe, ngokuba akukho madlelo emfuyo yezinceku zakho, lokhu indlala ibhokile eKhanani. Ngakho-ke izinceku zakho ziyacela ukuba uzivumele zihlale eGosheni.”


Bawela iJordani, bakanisa e-Aroweri ngakwesokunene somuzi ophakathi nomhosha wakwaGadi, ngaseJazeri.


Bafika kwaGileyadi, naseThahethimi Hodeshi, bedlulela kwaDani Jahani. Basuka lapho baya naseSidoni,


Labo bafika ngezinsuku zikaHezekiya, inkosi yakwaJuda, babhubhisa amathende abo nawamaMehuni atholakala lapho, babaqothula kuze kube namuhla, base behlala endaweni yabo, ngokuba bathola idlelo lemfuyo yabo lapho.


Ingxubevange yabantu yahamba nabo, imfuyo eningi kakhulu, imihlambi yezimbuzi, izimvu, nezinkomo.


Ngokuba usho kanje uSimakade ngesigodlo senkosi yakwaJuda, uthi: “Ufana neGileyadi kimi, nanjengesicongo seLebhanoni, kodwa ngiyokwenza ube yihlane nemizi okungahlali muntu kuyo.


Ngiyakukhalela wena mvini waseSibhina, ngikukhalela kakhulu kuneJazeri, ngokuba amagatsha akho alwedlulile ulwandle, aze afinyelela olwandle eJazeri. Umbhubhisi uzakuthelekela izithelo zenu namagilebhisi enu.


Ngiyakumbuyisela u-Israyeli emadlelweni akhe, aklabe eKharmeli naseBhashani, adle, asuthe ezintabeni zakwa-Efrayimi nezakwaGileyadi.


Alikho yini ibhalisamu kwaGileyadi na? Ayikho yini inyanga lapho na? Pho abelashwa ngani abantu bami na?


Yelusa abantu bakho ngentonga yakho; umhlambi oyifa lakho, ohlala wodwa ehlathini phakathi eKharimeli; mawuklabe eBhashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasemandulo.


UMose wathumela izinhloli ukuhlola iJazeri, balidla, bathatha imizi yalo, bawaxosha ama-Amori ayelapho.


beza bakhuluma noMose, no-Eleyazare umphristi, nezikhulu zenhlangano, bathi:


Izingane zethu nomkethu nemfuyo yethu kuyohlala lapho emizini yakwaGileyadi,


“I-Atharothi, iDibhoni, iJazeri, iNimra, iHeshibhoni, i-Elehale, iSebhamu, iNebho neBhehoni,


i-Athirothi Shofanu, iJazeri, iJogibheha,


Wazikhethela isabelo sekhethelo, ngokuba sasigodlwe lapho isabelo somehluleli; wahamba nabaholi babantu, wafeza ubulungiswa bukaSimakade nezehlulelo zakhe ngo-Israyeli.’


indawo yabo kwawuyiJazeri, nayo yonke imizi yakwaGileyadi, nengxenye yezwe lakwa-Amoni kuya e-Aroweri, elingaphambi kweRaba,


Abakwa-Israyeli bathumela uFinehasi, indodana ka-Eleyazare umphristi, kwabozalo lukaRubeni, olukaGadi, nengxenye yesizwana sakwaManase kwaGileyadi.


Ngakho-ke abozalo lukaRubeni nabolukaGadi nengxenye yesizwana sakwaManase babuyela emakhaya, behlukana nabanye bakwa-Israyeli eShilo, eKhanani, ukuba babuyele kwaGileyadi, ezweni labo ababelidle laba yisabelo sabo njengokuyala kukaSimakade ngoMose.


Ngokuba konke okusezweni; inkanuko yemvelo yomuntu, inkanuko yamehlo, ukuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa ezweni.


Wahlalelani esihulugwini ukuze uzwe ukukhala kwemihlambi na? Phakathi kwabomndeni wakwaRubeni kwakukhona okukhulu ukuzihlola ezinhliziyweni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka