Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 5:3 - IsiZulu 2020

3 Base bethi: “UNkulunkulu wamaHebheru ubonakele kithi; sidedele sihambe uhambo lwezinsuku ezintathu, siye ehlane, siyokwenzela uSimakade uNkulunkulu wethu umhlatshelo, funa asehlisele ngobhubhane, noma asiqothe ngenkemba.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Base bethi: “UNkulunkulu wamaHeberu uhlangene nathi; ake sihambe ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu, funa asehlele ngesifo nangenkemba.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Bathi: “UNkulunkulu wamaHeberu wasihlangabeza; masihambe uhambo lwezinsuku ezintathu ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu; funa asehlele ngesifo noma ngenkemba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 5:3
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi beqala nje ukuhlala lapho, abaze bamesaba uSimakade, ngakho-ke uSimakade wathumela phakathi kwabo amabhubesi, abulala abanye babo.


Manje ningabi ngontamolukhuni njengawoyihlomkhulu, kodwa mnikeni uSimakade isandla senu, ningene endaweni yakhe engcwele, ayingcwelisa kuze kube phakade, nimkhonze uSimakade uNkulunkulu wenu ukuze ulaka lwakhe oluvuthayo lusuke kini.


Konke okuyalwe nguNkulunkulu wasezulwini makwenziwe ngesineke, kwenzelwa indlu kaNkulunkulu wasezulwini, funa intukuthelo kaNkulunkulu yehlele inkosi namadodana ayo.


“Bayokulalela okushoyo; wena uyakuhamba namalunga akwa-Israyeli niye enkosini yaseGibhithe, nifike nithi: ‘USimakade, uNkulunkulu wamaHebheru uzibonakalisile kithi, ngakho-ke sivumele sihambe ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, ukuze sihlabele uSimakade uNkulunkulu wethu.’


Uyakuthi kuye: ‘USimakade, uNkulunkulu wamaHebheru ungithume kuwe ukuba ngithi: “Vumela abantu bami bahambe ukuze bayongikhonza ehlane. Kepha kuze kube manje awulalelanga.


USimakade wathi kuMose: “Hamba uye kuFaro uthi kuye: ‘USimakade uthi: vumela abantu bami bahambe ukuze bayongikhonza.


USimakade wayesethi kuMose: “Vuka ekuseni kakhulu uye kuFaro ngaphambi kokuba aye emfuleni, uthi kuye: ‘USimakade uthi: vumela abantu bami bahambe ukuze bayongikhonza.


Siyakuhamba ibanga lezinsuku ezintathu siye ehlane, sethule umhlatshelo kuSimakade uNkulunkulu wethu njengalokhu esiyalile.”


“Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Shaya ihlombe ngesandla sakho, ugxobe ngonyawo lwakho, bese uthi: “Maye, ngenxa yazo zonke izinengiso zezenzo ezimbi zendlu yakwa-Israyeli!” “ ‘Bayakufa ngenkemba, ngendlala nangobhubhane.


Ngiyonehlisela inkemba yempindiselo, engiyakuziphindiselela ngayo ngenxa yesivumelwano sami. Niyobuthana ndawonye emizini yenu, ngithumele ubhubhane phakathi kwenu; ninikelwe esandleni sezitha zenu.


USimakade uyakunamathelisa kuwe isifo, aze akubhubhise ezweni ongena kulo ukulidla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka