Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 5:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Base bethi: “UNkulunkulu wamaHeberu uhlangene nathi; ake sihambe ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu, funa asehlele ngesifo nangenkemba.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Base bethi: “UNkulunkulu wamaHebheru ubonakele kithi; sidedele sihambe uhambo lwezinsuku ezintathu, siye ehlane, siyokwenzela uSimakade uNkulunkulu wethu umhlatshelo, funa asehlisele ngobhubhane, noma asiqothe ngenkemba.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Bathi: “UNkulunkulu wamaHeberu wasihlangabeza; masihambe uhambo lwezinsuku ezintathu ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu; funa asehlele ngesifo noma ngenkemba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 5:3
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi ekuqaleni kokuhlala kwabo khona abamesabanga uJehova; ngalokho uJehova wathuma izingonyama phakathi kwabo, zabulala abanye kubo.


Ningabi ntamo elukhuni njengawoyihlo, kepha nimnike uJehova isandla senu, ningene endlini yakhe engcwele ayingcwelisile kuze kube phakade, nimkhonze uJehova uNkulunkulu wenu ukuba ulaka lwakhe oluvuthayo lubuye kini.


Konke okusesimemezelweni sikaNkulunkulu wezulu makwenzelwe ngesineke indlu kaNkulunkulu wezulu, ngokuba kungase kube khona intukuthelo phezu kombuso wenkosi namadodana ayo na?


“Bayakulalela izwi lakho; uyakufika wena kanye namalunga akwa-Israyeli enkosini yaseGibithe, nithi kuyo: ‘UJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, uhlangene nathi; ake sihambe manje ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu.’


Wothi kuye: ‘UJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, ungithume kuwe, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe bangikhonze ehlane; bheka, kuze kube manje awulalelanga.


UJehova wayesethi kuMose: “Ngena kuFaro, uthi kuye: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangikhonze.


UJehova wayesethi kuMose: “Vuka ekuseni kusasa, ume phambi kukaFaro; bheka, uyaphuma ukuya emanzini; thana kuye: ‘UJehova usho kanje, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe bangikhonze.


Siyakuhamba ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu, njengalokho ezakusiyala.”


“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Shaya ngesandla sakho, udubhuze ngonyawo lwakho, uthi: “Maye, ngenxa yazo zonke izinengiso ezimbi zendlu yakwa-Israyeli!” Ngokuba bayakuwa ngenkemba, nangendlala, nangesifo.


Ngiyakunehlisela inkemba yempindiselo eyakuphindisela isivumelwano sami; senibuthelwe emizini yenu, ngiyakuthuma isifo phakathi kwenu, ninikelwe esandleni sesitha.


UJehova uyakunamathelisa kuwe isifo, aze akuqede ezweni ongena kulo ukulidla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka