Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 5:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Bathi: “UNkulunkulu wamaHeberu wasihlangabeza; masihambe uhambo lwezinsuku ezintathu ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu; funa asehlele ngesifo noma ngenkemba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Base bethi: “UNkulunkulu wamaHeberu uhlangene nathi; ake sihambe ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu, funa asehlele ngesifo nangenkemba.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Base bethi: “UNkulunkulu wamaHebheru ubonakele kithi; sidedele sihambe uhambo lwezinsuku ezintathu, siye ehlane, siyokwenzela uSimakade uNkulunkulu wethu umhlatshelo, funa asehlisele ngobhubhane, noma asiqothe ngenkemba.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 5:3
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi ekuqaleni kokuhlala kwabo khona abamesabanga uJehova; ngalokho uJehova wathuma izingonyama phakathi kwabo, zabulala abanye kubo.


Manje ningabi lukhuni njengawoyihlo, kodwa zinikeleni nina kuJehova, ningene endlini yakhe engcwele ayingcwelisile kuze kube phakade, nimkhonze uJehova uNkulunkulu wenu, ukuze kusuke kini ukuvutha kolaka lwakhe.


Konke okuyalezwa nguNkulunkulu wezulu makwenzelwe ngenhliziyo yonke indlu kaNkulunkulu wezulu; ngoba kungani kufanele kube nolaka embusweni wenkosi namadodana ayo?


Kumelwe ufike, wena namadoda amadala akwa-Israyeli, enkosini yaseGibhithe, nithi kuyo: ‘INkosi, uNkulunkulu wamaHebheru, isihlangabeze; manje masihambe, uhambo lwezinsuku ezintathu siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu.


Uzakuthi kuye: INkosi, uNkulunkulu wamaHebheru, ingithumile kuwe ukuthi: Yekela abantu bami basuke ukuze bangikhonze enkangala; bhekani, anilalelanga kuze kube manje.


INkosi yasisithi kuMozisi: Ngena kuFaro, uthi kuye: Itsho njalo iNkosi: Bayekela abantu bami ukuthi bahambe, bangikhonze.


UJehova wayesethi kuMose: “Vuka ekuseni kakhulu, ume phambi kukaFaro; bheka, Uphumela emanzini; wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe, ukuze bangikhonze.


Siyakuhamba ibanga lezinsuku ezintathu ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu, njengalokho yasiyala.


Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Shaya ngesandla sakho, unyathele ngonyawo lwakho, uthi: ‘Maye kuzo zonke izinengiso ezimbi zendlu yakwa-Israyeli! ngokuba bayakuwa ngenkemba, nangendlala, nangesifo.


Ngiyakwehlisela phezu kwenu inkemba eyakuphindisela ukulwa kwesivumelwano sami; lapho senibuthene emizini yenu, ngiyakuthuma isifo phakathi kwenu; uyakunikelwa esandleni sesitha.


UJehova uyakunamathelisa kuwe isifo aze akuqede ezweni oya kulo ukulidla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka