Yilowo nalowo owathaka anjengawo nalowo owathela kumfokazi uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”
UNumeri 19:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yilowo nalowo othinta isidumbu somuntu ofileyo, angaziphothuli, uyangcolisa itabernakele* likaJehova; lowo muntu uyakunqunywa ku-Israyeli, ngokuba amanzi okuphothula akafafazwanga ngawo; uyakuba ngongcolile; ukungcola kwakhe kuse kuye. IsiZulu 2020 Yilowo nalowo othinta isidumbu somuntu ofileyo, angazihlambululi ekungcoleni, uyongcolisa ithabanakeli likaSimakade. Lowo muntu uyonqunywa kwa-Israyeli, lokhu engafafazwanga ngamanzi okuhlambulula, uyakuhlala engongcolile; ukungcola kwakhe kungasuki kuye. Contemporary Zulu Bible 2024 Yilowo nalowo othinta isidumbu sofileyo, angaziphothuli, ungcolisa itabernakele likaJehova; lowo mphefumulo kumelwe unqunywe kwa-Israyeli; ngokuba amanzi okuphothula engafafazwanga phezu kwakhe, uyakuba ngongcolile; ukungcola kwakhe kusephezu kwakhe. |
Yilowo nalowo owathaka anjengawo nalowo owathela kumfokazi uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”
“ ‘Kanjalo niyakwahlukanisa abantwana bakwa-Israyeli nokungcola kwabo ukuba bangafi ekungcoleni kwabo, lapho bengcolisa itabernakele* lami eliphakathi kwabo.’ ”
Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo, ngokuba unikela ngenzalo yakhe kuMoloki ukungcolisa indlu yami engcwele nokuhlambalaza igama lami elingcwele.
“Yisho kubo ukuthi: ‘Yilowo nalowo wenzalo yenu yonke ezizukulwaneni zenu osondela ezintweni ezingcwele abantwana bakwa-Israyeli abazingcwelisela uJehova, esengcolile, lowo muntu uyakunqunywa, angabikho phambi kwami; nginguJehova.
“ ‘Yilowo nalowo wenzalo ka-Aroni onochoko noma ocucuzayo akayikudla izinto ezingcwele aze ahlambuluke. Nalowo othinta okungcolile ngabafileyo, noma umuntu oshaywa yizibuko,
“Uma umuntu ona, enza noma yikuphi kuyo imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, noma ebengakwazi, unecala nokho, futhi wothwala ububi bakhe.
“ ‘Noma ethinta ukungcola komuntu, nakuba yikuphi ukungcola kwakhe angcole ngakho, kumsithele, lapho esekwazi woba necala.
uyakuletha umnikelo wecala lakhe kuJehova ngesono sakhe one ngaso, insikazi yasezimvini, imvu noma imbuzi, kube ngumnikelo wesono, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe.
Kodwa umuntu oyidla inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula engekaJehova esenakho ukungcola kwakhe, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.
Nanxa umuntu ethinta into engcolileyo, ukungcola komuntu noma isilwane esingcolileyo noma into engcolileyo enengekayo, adle inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula engekaJehova, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”
“ ‘Kepha okwenza ngesandla esiphakemeyo, noma engowokuzalwa ekhaya noma engumfokazi, uyamhlambalaza uJehova; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.
“ ‘Nanku umthetho, uma umuntu efela etendeni: yilowo nalowo ongena etendeni nalowo osetendeni uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa.
umuntu ohlambulukileyo athabathe ihisopi,* aligcobhoze emanzini, afafaze ngawo itende, nezitsha zonke, nabantu ababelapho, nowathinta ithambo, noma ababuleweyo, noma abafileyo, noma ithuna,
umuntu ohlambulukileyo amfafaze ongcolileyo ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa, amphothule ngosuku lwesikhombisa, ahlanze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke ngakusihlwa.
Kepha umuntu ongcolayo engaziphothuli, lowo muntu uyakunqunywa phakathi kwebandla, ngokuba ungcolisile indlu engcwele kaJehova; amanzi okuphothula akafafazwanga ngawo; ungcolile.
“ ‘Umuntu ohlambulukileyo uyakubutha umlotha wesithole, awubekele ngaphandle kwekamu* endaweni ehlambulukileyo, ugcinelwe inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli kube ngamanzi okuphothula; kungumnikelo wesono.
Uyakwenza kanje kubo ukuba ubahlambulule: fafaza amanzi okuphothula, baziphucule umzimba wonke, bahlanze izingubo zabo, bazihlambulule.
Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ekuhambeni, oyeka ukulenza iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo, ngokuba akanikelanga ngomnikelo kaJehova ngesikhathi esinqunyiweyo; lowo muntu uyakuthwala ububi bakhe.
Ngakho-ke ngathi kini nizakufela ezonweni zenu; ngokuba uma ningakholwa ukuthi nginguye, nizakufela ezonweni zenu.”
pho, nithi ufanele ukushaywa kangakanani kunalokho lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?
kodwa yona kanye nokudla nokuphuza nokugeza okuyizinhlobonhlobo iyizimiso zenyama kuphela ezibekiweyo, kuze kufike isikhathi sokupheleliswa kwezinto.
Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”
Ongalungile makenze njalo okungalungile, nongcolileyo makazingcolise njalo, kepha olungileyo makenze njalo ukulunga, nongcwele makazingcwelise njalo.”
Ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.