Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 19:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Kepha umuntu ongcolayo engaziphothuli, lowo muntu uyakunqunywa phakathi kwebandla, ngokuba ungcolisile indlu engcwele kaJehova; amanzi okuphothula akafafazwanga ngawo; ungcolile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

20 Umuntu ongcolileyo futhi ongazihlambululanga, lowo uyakunqunywa ebandleni ngoba engcolise indawo kaSimakade engcwele. Lokhu engafafazwanga ngamanzi okuhlambulula, ungcolile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Kepha umuntu ongcolile, angaziphothuli, lowo muntu uyakunqunywa ebandleni, ngokuba ungcolisile indlu engcwele kaJehova; amanzi okuhlukanisa awafafazwanga phezu kwakhe; ungcolile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 19:20
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Owesilisa ongasokiwe, engasokwanga enyameni yejwabu lakhe, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo, ngokuba waphulile isivumelwano sami.”


Yilowo nalowo owathaka anjengawo nalowo owathela kumfokazi uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”


“ ‘Kanjalo niyakwahlukanisa abantwana bakwa-Israyeli nokungcola kwabo ukuba bangafi ekungcoleni kwabo, lapho bengcolisa itabernakele* lami eliphakathi kwabo.’ ”


Kepha uma engazihlanzi, angagezi umzimba wakhe, uyakuthwala ububi bakhe.’ ”


“ ‘Yilowo nalowo wenzalo ka-Aroni onochoko noma ocucuzayo akayikudla izinto ezingcwele aze ahlambuluke. Nalowo othinta okungcolile ngabafileyo, noma umuntu oshaywa yizibuko,


“ ‘Kepha okwenza ngesandla esiphakemeyo, noma engowokuzalwa ekhaya noma engumfokazi, uyamhlambalaza uJehova; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.


Yilowo nalowo othinta isidumbu somuntu ofileyo, angaziphothuli, uyangcolisa itabernakele* likaJehova; lowo muntu uyakunqunywa ku-Israyeli, ngokuba amanzi okuphothula akafafazwanga ngawo; uyakuba ngongcolile; ukungcola kwakhe kuse kuye.


Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ekuhambeni, oyeka ukulenza iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo, ngokuba akanikelanga ngomnikelo kaJehova ngesikhathi esinqunyiweyo; lowo muntu uyakuthwala ububi bakhe.


Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa, kepha ongakholwayo uyakulahlwa.


Ngakho, bathandekayo, lokhu nibheka lezo zinto, khuthalelani ukuba nifunyanwe ninokuthula, ningenabala, ningenacala kuye,


Ongalungile makenze njalo okungalungile, nongcolileyo makazingcolise njalo, kepha olungileyo makenze njalo ukulunga, nongcwele makazingcwelise njalo.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka