Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 19:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “ ‘Umuntu ohlambulukileyo uyakubutha umlotha wesithole, awubekele ngaphandle kwekamu* endaweni ehlambulukileyo, ugcinelwe inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli kube ngamanzi okuphothula; kungumnikelo wesono.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 “ ‘Umuntu ohlambulukileyo uyakubutha umlotha wesithole, ayowuchitha ngaphandle kwenkambu endaweni ehlambulukileyo, uyakugcinelwa inhlangano yabantu bakwa-Israyeli kube ngamanzi okuhlambulula; ungumnikelo wesono.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Umuntu ohlanzekile kumelwe abuthe umlotha wethokazi futhi awubeke ngaphandle kwekamu endaweni ehlanzekile, futhi kumelwe ulondolozelwe inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli njengamanzi okuhlukanisa; kuyinhlambululo yesono.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 19:9
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“ ‘Zonke izinto alala kuzo ekungcoleni kwakhe ziyakuba ngezingcolile; nakho konke ahlala kukho kuyakuba ngokungcolile.


“Ngalolo suku kuyakuba khona umthombo ovulelwa izono nokungcola kwendlu kaDavide nabakhileyo eJerusalema.


Yilowo nalowo othinta isidumbu somuntu ofileyo, angaziphothuli, uyangcolisa itabernakele* likaJehova; lowo muntu uyakunqunywa ku-Israyeli, ngokuba amanzi okuphothula akafafazwanga ngawo; uyakuba ngongcolile; ukungcola kwakhe kuse kuye.


“ ‘Abangcolileyo bayakuthatha umlotha wokushayo komnikelo wesono, namanzi agobhozayo ayakuthelwa kanye nawo esitsheni,


umuntu ohlambulukileyo athabathe ihisopi,* aligcobhoze emanzini, afafaze ngawo itende, nezitsha zonke, nabantu ababelapho, nowathinta ithambo, noma ababuleweyo, noma abafileyo, noma ithuna,


nisinike u-Eleyazare umpristi, yena asikhiphele ngaphandle kwekamu,* sihlatshwe phambi kwakhe;


Osishisayo uyakuhlanza izingubo zakhe ngamanzi, ageze umzimba wakhe ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.


Uyakwahlukanisela kuJehova izinsuku zobuNaziri bakhe, alethe imvu yeduna enomnyaka munye, ibe ngumnikelo wecala; kepha izinsuku zakuqala ziyakuba yize, ngokuba ubuNaziri bakhe bungcolisiwe.


Uyakwenza kanje kubo ukuba ubahlambulule: fafaza amanzi okuphothula, baziphucule umzimba wonke, bahlanze izingubo zabo, bazihlambulule.


Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ekuhambeni, oyeka ukulenza iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo, ngokuba akanikelanga ngomnikelo kaJehova ngesikhathi esinqunyiweyo; lowo muntu uyakuthwala ububi bakhe.


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.


Ngokuba umpristi omkhulu onjalo usifanele thina, ongcwele, ongenacala, ongenabala, owahlukanisiwe nezoni, owenziwa aphakame phezu kwamazulu,


Ngokuba uma igazi lezimbuzi nelezinkunzi nomlotha wesithole kufafaza abangcolileyo, kuhlambulula kube ngukuhlanzeka kwenyama,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka