Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 8:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Uyakwenza kanje kubo ukuba ubahlambulule: fafaza amanzi okuphothula, baziphucule umzimba wonke, bahlanze izingubo zabo, bazihlambulule.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Uyakubahlambulula kanje: bafafaze ngamanzi okuhlambulula, ubenze baphuce zonke iziboya ezisemizimbeni yabo, bahlanze izingubo zabo; bazihlambulule.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Nanku oyakukwenza kubo ukubahlambulula: Fafaza phezu kwabo ngamanzi okuhlambulula, baphucule umzimba wabo wonke, bahlanze izingubo zabo, bahlanzeke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 8:7
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesethi uJakobe kwabendlu yakhe nakubo bonke ababe naye: “Lahlani izithixo zabezizwe eziphakathi kwenu, nizihlambulule nina, niziphendulele izingubo zenu,


Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami.


Ngihlanze ngehisopi,* ngihlambuluke; ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa.


UJehova wayesethi kuMose: “Hamba uye kubantu, ubangcwelise namuhla nakusasa, bahlanze izingubo zabo,


kanjalo iyakwethusa izizwe eziningi; amakhosi ayakuvala imilomo yawo ngenxa yayo, ngokuba lokho angatshelwanga khona ayakukubona, nalokho angakuzwanga ayakukuqonda.


Jerusalema, hlanza inhliziyo yakho, kuphume ububi, ukuze usindiswe. Koze kube nini imicabango yakho emibi ihlala phakathi kwakho na?


Ngiyakunifafaza ngamanzi ahlambulukileyo, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.


Yilowo nalowo othinta lezo zinto uyakuba ngongcolile, ahlanze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.


Ohlala entweni ahlale kuyo ocucuzayo uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.


Ozishisayo wohlanza izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu.*


UMose waletha u-Aroni namadodana akhe, wabageza ngamanzi.


Yilowo nalowo othinta isidumbu somuntu ofileyo, angaziphothuli, uyangcolisa itabernakele* likaJehova; lowo muntu uyakunqunywa ku-Israyeli, ngokuba amanzi okuphothula akafafazwanga ngawo; uyakuba ngongcolile; ukungcola kwakhe kuse kuye.


Nazo zonke izingubo, nakho konke okwenziwe ngesikhumba, nayo yonke imisebenzi yoboya bezimbuzi, nazo zonke izinto ezenziwe ngomuthi, niyakuziphothula mayelana nakho.”


AmaLevi aziphothula, ahlanza izingubo zawo; u-Aroni wanikela ngawo abe ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; u-Aroni wawenzela ukubuyisana ukuwahlambulula.


kodwa yona kanye nokudla nokuphuza nokugeza okuyizinhlobonhlobo iyizimiso zenyama kuphela ezibekiweyo, kuze kufike isikhathi sokupheleliswa kwezinto.


Ngokuba uma igazi lezimbuzi nelezinkunzi nomlotha wesithole kufafaza abangcolileyo, kuhlambulula kube ngukuhlanzeka kwenyama,


sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili.


enisindiswa ngawo manje nani ngokomfanekiso, okungukuthi ngombhapathizo, kungesikho ukususa insila yenyama kepha ukucela kuNkulunkulu unembeza omuhle, ngokuvuka kukaJesu Kristu


Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwe owaziyo.” Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka