Ngokuba inceku yakho iyazi ukuthi yonile; bheka, ngifikile namuhla ngingowokuqala wendlu yonke kaJosefa, ngehle ukuhlangabeza inkosi yami, inkosi.”
Obadiya 1:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Indlu yakwaJakobe iyakuba ngumlilo, indlu kaJosefa ibe yilangabi, indlu ka-Esawu ibe ngamabibi, bawashise, bawaqede; akuyikubakho oseleyo endlini ka-Esawu,” ngokuba uJehova ukhulumile. IsiZulu 2020 Abendlu yakwaJakobe bayakuba ngumlilo, abendlu kaJosefa babe yilangabi, kuthi abendlu ka-Esawu babe ngamabibi, bayakuwashisa, aphele nya; akuyukusinda namunye kwabendlu ka-Esawu, ngokuba uSimakade usekhulumile. Contemporary Zulu Bible 2024 Indlu kaJakobe iyakuba ngumlilo, nendlu kaJosefa ibe yilangabi, indlu ka-Esawu ibe ngamabibi, bawuthungele bayiqede; futhi akuyikusala lutho lwendlu ka-Esawu; ngoba uJehova ukukhulumile. |
Ngokuba inceku yakho iyazi ukuthi yonile; bheka, ngifikile namuhla ngingowokuqala wendlu yonke kaJosefa, ngehle ukuhlangabeza inkosi yami, inkosi.”
Base behlakazeka abantu ezweni lonke laseGibithe ukuyobutha izinhlanga zibe yibona tshani babo.
Ukukhanya kuka-Israyeli kuyakuba ngumlilo, oNgcwele wakhe abe yilangabi; kuyakushisa kuqede ameva akhe namakhakhasi akhe ngalusuku lunye.
Idwala lakhe liyakunyamalala ngovalo, nezikhulu zalo ziyakuphela amandla ngebhanela,”* usho uJehova omlilo wakhe useSiyoni, nosithando sakhe siseJerusalema.
Bheka, bayakuba njengamabibi ashiswa ngumlilo, abayikuzophula emandleni elangabi; akusilo ilahle lokotha, akusiwo umlilo wokuba kuhlalwe phambi kwawo.
Ngalokho njengolimi lomlilo ludla amabibi, nezikhotha ezomileyo zizika elangabini, impande yabo iyakuba njengokubola, nembali yabo iyakuthuquka njengebhuqu, ngokuba balahlile umthetho kaJehova Sebawoti, balidelela izwi loNgcwele ka-Israyeli.
Ngokuba ububi bushisa njengomlilo, buqeda amakhakhasi nameva, buthungela ezihlahleni zamahlathi, zize zifuquke insika yomusi.
Ngentukuthelo kaJehova Sebawoti izwe lishisiwe; abantu bangukudla komlilo, akakho osindisa umfowabo.
nensali ayiyikuba khona kubo, ngokuba ngiyakubehlisela abantu base-Anathoti okubi ngomnyaka wokuhanjelwa kwabo.’ ”
“Wena ndodana yomuntu, zithathele induku, ulobe kuyo ngokuthi: ‘EkaJuda neyabantwana bakwa-Israyeli, abangane bakhe.’ Thatha enye induku, ulobe kuyo ngokuthi: ‘EkaJosefa, induku ka-Efrayimi neyendlu yonke yakwa-Israyeli, abangane bakhe,’
khuluma kubo, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuyithatha induku kaJosefa esesandleni sika-Efrayimi nezizwe zakwa-Israyeli, abangane bakhe, ngiyibeke endukwini kaJuda, ngizenze zibe yinduku inye, babe munye esandleni sami.’
Bangqabashiya ngomsindo wezinqola eziqongweni zezintaba, njengokuchochoza kwelangabi lomlilo elidla amabibi nanjengabantu abanamandla, abahlelelwe ukulwa.
Ngiyakunquma abakhileyo e-Ashidodi, nophethe intonga e-Ashikeloni, ngiphendulele isandla sami e-Ekroni; nensali yamaFilisti iyakuphela,” isho iNkosi uJehova.
Zondani okubi, nithande okuhle, nimise ukwahlulela esangweni; mhlawumbe uJehova uNkulunkulu Sebawoti uyakuba nomusa kuyo insali yakwaJosefa.
Baphuza imikhele yewayini, bazigcoba ngamafutha amahle, kepha abadabuki ngokuchithwa kukaJosefa.
Ngokuba njengalokho niphuzile entabeni yami engcwele, bayakuphuza kanjalo bonke abezizwe, baphuze, bagwinye, babe njengokungathi abazange babe khona.
Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwezizwe, phakathi kwabantu abaningi, njengengonyama phakathi kwezilwane zasehlathini, njengebhongo lengonyama phakathi kwemihlambi yezimvu, elithi lapho lidabula, linyathele, lidwengule, kungekho owophulayo.
Lapho bethandela njengameva, benjengabaminzileyo ophuzweni lwabo, bayakuqedwa nokuqedwa njengamabibi omileyo.
“Ngalolo suku ngiyakwenza ababusi bakwaJuda babe ngumcengezi womlilo phakathi kwemithi nobhaqa lomlilo phakathi kwezithungu; bayakuqeda bonke abantu nxazonke ngakwesokunene nangakwesokhohlo, iJerusalema libe lisahlala endaweni yalo eJerusalema.
“Ngokuba bheka, luyeza usuku, luvutha njengeziko; bonke abaziqhenyayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi; luyakubashisa lolo suku oluzayo,” usho uJehova Sebawoti, “lungabashiyeli mpande nagatsha.
Kepha uma umuntu akha phezu kwaleso sisekelo ngegolide, nesiliva, namatshe anenani, nemithi, notshani, nenhlanga,